Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 9:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Sibuye sephule imiyalo yakho, sizihlanganise nabantu balezi zinengiso na? ubungeke yini usithukuthelele uze usiqede, kungabikho nsali nophunyukayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 singabuye saphule yini imiyalo yakho, sendiselane nalabo bantu abazenza lezi zinengiso na? Nga ungasithukutheleli uze usiqede, kuze kungabikho nsali nosindayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 kambe singabuye siyephule yini imithetho yakho ngokuganana nabezizwe abenza amanyala anjengalawa na? Ubungayukusithukuthelela yini uze usibhubhise nya, kungasali nsali na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 9:14
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umpristi u-Ezra wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile, nithathe abesifazane babezizwe ukuze nandise isiphambeko sika-Israyeli.


Bazithathela wona namadodakazi abo amanye amadodakazi abo, ukuze inzalo engcwele yahlangana nabantu balawo mazwe; yebo, isandla sezikhulu nezikhulu sasiyinhloko kulesi siphambeko.


Manje isihawu sikaJehova uNkulunkulu wethu senziwe ngokwesikhashana nje ukusishiyela insali ephunyukileyo, nokusinika isikhonkwane endlini yakhe engcwele, ukuze uNkulunkulu wethu akhanyisele amehlo ethu, asinike ukuvuselela endaweni yakhe engcwele ubugqila bethu.


Babengenjalo oyihlo, uNkulunkulu wethu akehliselanga yini bonke lobu bubi phezu kwethu naphezu kwalo muzi? nokho nenezela ulaka phezu kuka-Israyeli ngokungcolisa isabatha.


Aniyikwenza isivumelwano nabo noma nawonkulunkulu babo.


Ngakho ake ngime, ukuze intukuthelo yami ibavuthele, ngibaqede; ngiyakukwenza isizwe esikhulu.


Ukube uJehova Sebawoti ubengasishiyelanga insali encane, ngabe sifana neSodoma, sifana neGomora.


Senikhohliwe yini ububi bawoyihlo nobubi bamakhosi akwaJuda nobubi babafazi bawo nobubi benu nobubi bawomkenu ababenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zezwe laseJerusalema?


Ungesabi, nceku yami Jakobe, usho uJehova, ngokuba nginawe; ngokuba ngiyakuqeda zonke izizwe engikuxoshele kuzo; kepha angiyikuniqeda, kepha ngiyakunikhuza ngokulinganisa; kodwa kangiyikukuyekela ungajeziswanga ngokupheleleyo.


Kepha ngiyakushiya insali, ukuze nibe nabaphunyuka enkembeni phakathi kwezizwe, lapho nihlakazwa emazweni.


Zahlukaniseni naleli bandla, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso.


Sukani kule nhlangano, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso.


Ngasemuva uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, ususindile;


Pho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa?


Mangime, ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu; ngiyakukwenza ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.


NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.


Aniyikwenza isivumelwano nabakhileyo kuleli zwe; niyakuwadiliza ama-altare abo, kepha anililalelanga izwi lami. Kungani wenze lokho?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ