Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 8:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esiphezu kwethu basilethela indoda ehlakaniphileyo emadodaneni kaMagi, indodana kaLevi, indodana ka-Israyeli; noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu basilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka-Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngenxa yokuba isandla somusa sikaNkulunkulu wethu sasinathi, basithumelela uMahili, indoda enengqondo, wozalo lukaLevi ka-Israyeli noSherebhiya namadodana akhe nabafowabo abali-18;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 8:18
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaLevi; uGereshoni, noKohati, noMerari.


Amadodana kaMerari; UMahli noMusi. Lezi ziyizizukulwane zamaLevi ngokoyise.


U-Eleyazare wazala uFinehasi, uFinehasi wazala u-Abishuwa,


UHezekiya wakhuluma kamnandi nawo onke amaLevi ayefunde ukwazi okuhle kukaJehova; futhi ngesikhathi somkhosi badla izinsuku eziyisikhombisa banikela imihlatshelo yokubonga bavuma izono kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Wangenzela umusa phambi kwenkosi nabeluleki bayo naphambi kwazo zonke izikhulu zenkosi ezinamandla. Ngaba namandla njengoba isandla sikaJehova uNkulunkulu wami sasiphezu kwami, futhi ngabutha izikhulu kwa-Israyeli ukuba zikhuphuke nami.


U-Ezra lo wenyuka evela eBhabhiloni; futhi wayengumbhali ohlakaniphile emthethweni kaMose uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ayewunike wona;


Ngoba ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBhabhiloni, futhi ngosuku lokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema, ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.


Ngase ngithuma o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu, izinhloko; nakuJehoyaribi naku-Elinathani, amadoda ahlakaniphileyo.


noHashabiya kanye naye u-Isaya emadodaneni kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili;


Ngokuba ngaba namahloni ukucela enkosini iviyo lamasosha nabamahhashi ukuba basisize ezitheni endleleni, ngokuba sakhuluma enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo; kepha amandla akhe nolaka lwakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.


Ngase ngihlukanisa abayishumi nambili kubapristi abakhulu, oSherebiya, noHashabiya, nabafowabo abayishumi kanye nabo;


Izikhulu zamaLevi zaziyizi: oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, nabafowabo maqondana nabo, ukuba badumise, badumise njengomyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, omunye komunye.


nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami.


OJehuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noSabhethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi, baqondisa abantu umthetho, nabantu bema ezindaweni zabo.


Indlu yakhiwa ngokuhlakanipha; nangokuqonda kuyaqiniswa;


Mazi kuzo zonke izindlela zakho, futhi uyokwenza izindlela zakho ziqonde.


Ngiyakuninika abelusi benhliziyo yami, abaniklame ngolwazi nangokuqondisisa.


Kuzo zonke izindaba zokuhlakanipha nokuqonda inkosi eyayibabuza yona, yathola ukuthi babengcono ngokuphindwe kashumi kunabo bonke abahlola imilingo nabahlola izinkanyezi ababesembusweni wayo wonke.


Amadodana kaMerari ngemindeni yawo; UMahli noMusi. Lezi ziyizizukulwane zamaLevi ngemindeni yawo.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ