Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba owafaka into enjalo enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Makadunyiswe uSimakade, uNkulunkulu wokhokho bethu, obeke into enje enhliziyweni yenkosi, ukuba ihlobise indlu kaSimakade eJerusalema ngale ndlela,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:27
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho uHezekiya nezikhulu beza babona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.


bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wabathokozisa, waletha kubo inhliziyo yenkosi yase-Asiriya ukuba iqinise izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngavuka ebusuku, mina namadoda ambalwa kanye nami; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu wami abekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele eJerusalema; futhi kwakungekho silwane kimi ngaphandle kwesilwane engangisigibele.


nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami.


UNkulunkulu wami wakufaka enhliziyweni yami ukuba ngiqoqe izikhulu nababusi nabantu, ukuze babalwe ngokohlu lozalo. Ngathola umbhalo wozalo lwalabo abenyuka kuqala, ngathola kulotshiwe ukuthi:


UMose wayesethi kuFaro: “Zibonge ngami; ngiyakukuncenga nini wena nezinceku zakho nabantu bakho ukuba baqothule amasele kuwe nasezindlini zakho, asale emfuleni kuphela, na?


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; Uyiphendulela lapho ethanda khona.


Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe, umsayipuresi, nomsayipuresi, nomphongolo kanyekanye, kuhlobise indawo yendlu yami engcwele; ngiyakwenza indawo yezinyawo zami ibe yinkazimulo.


Ngokuba uyasithanda isizwe sakithi, wasakhela nesinagoge.


Kodwa makabongwe uNkulunkulu ofake inkuthalo efanayo enhliziyweni kaThithu ngani.


Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba.


Lesi yisivumelwano engizasenza labo emva kwalezonsuku, itsho iNkosi: Ngizafaka imithetho yami enhliziyweni yabo, ngiyilobe engqondweni yabo;


Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi; Ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze intando yakhe, zibe munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ