Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 7:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 nalo lonke isiliva negolide ongalifumana kuso sonke isifunda saseBabele, kanye nomnikelo wesihle wabantu nowabapristi abavuma ukuhlabela indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 nithathe nalo lonke isiliva negolide eniyokufumana esifundazweni sonke eBhabhele, neminikelo yesihle yabantu neyabaphristi, abayinikela ngesihle endlini kaNkulunkulu wabo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 7:16
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyazi futhi, Nkulunkulu wami, ukuthi uhlola inhliziyo futhi ujabulela ubuqotho. Mina-ke, ngobuqotho benhliziyo yami nganikela ngokuzithandela zonke lezi zinto; manje ngibonile ngokuthokoza abantu bakho abakhona lapha, bevuma ukuhlabela kuwe.


Khona-ke izinhloko zawoyise nezikhulu zezizwe zakwa-Israyeli nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu kanye nezinduna zomsebenzi wenkosi zanikela ngokuzithandela.


Abantu bajabula, ngokuba banikela ngenhliziyo, ngokuba bahlabela uJehova ngenhliziyo epheleleyo; nenkosi uDavide yathokoza ngentokozo enkulu.


UKora, indodana kaJimna, umLevi, umlindisango ngasempumalanga, wayephethe izipho zokuzithandela zikaNkulunkulu, ukwaba iminikelo kaJehova nezinto ezingcwelengcwele.


Kodwa ngikwakhele indlu nendawo yokuhlala kuze kube phakade.


Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami ezweni laseGibithe, angikhethanga muzi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba ngakhe indlu ukuba igama lami libe khona lapho; futhi angikhethanga muntu ukuba abe ngumbusi phezu kwabantu bami u-Israyeli.


Kepha ngikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe khona lapho; ngakhetha uDavide ukuba abe phezu kwabantu bami u-Israyeli.


Futhi wonke umuntu osele nomaphi lapho egogobala khona, amadoda asendaweni yakhe makamsize ngesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezinkomo, kanye nomnikelo wesihle wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema.


Bonke ababebazungezile baqinisa izandla zabo ngezitsha zesiliva, nangegolide, nangezimpahla, nangezilwane, nangezinto eziyigugu, ngaphandle kwakho konke okwanikelwa ngokuzithandela.


Makabongwe uJehova eZiyoni, yena ohlala eJerusalema. Dumisani uJehova.


Ngokuba uma kuqala kukhona ukuvuma, kwamukeleka ngokwalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ