Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 6:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngaphezu kwalokho, ngiyaleza ukuba nenze kumalunga alaba baJuda ekwakheni le ndlu kaNkulunkulu: empahleni yenkosi, yebo, kusukela enteleni ngaphesheya koMfula, kumelwe kukhishwe ngokushesha izindleko kulawa madoda, ukuze bangavimbeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu: labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi, intela yaphesheya koMfula,* ukuba bangathiywa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “Ngishaya umthetho maqondana nalezo zikhulu zabaJuda ezizokwakha kabusha le ndlu kaNkulunkulu, ngithi: izindleko zokukhokhela laba bantu mazikhokhwe ngokuphelele nsuku zonke, ziphume emalini yasebukhosini, etholakala ngentela evela esifundazweni entshonalanga yeYufrathe, ukuze lowo msebenzi ungami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 6:8
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Siyayitshela inkosi ukuthi, uma lo muzi uvuselelwa futhi izingange zawo ziphakanyiswa, ngeke ube nasabelo ngale ndlela ngaphesheya komfula.


Lapho ikhophi yencwadi yenkosi u-Aritahishashita ifundwa phambi kukaRehumi noShimishayi umbhali nabangane babo, bashesha bakhuphukela eJerusalema kumaJuda babamisa ngamandla nangenkani.


Kodwa ilihlo likaNkulunkulu wabo laliphezu kwabadala bamaJuda, ukuthi kabazange bawayeke kuze kufike udaba kuDariyu; basebephendula ngencwadi ngaloludaba.


Abadala bamaJuda basebesakha, baphumelela ngomprofethi kaHagayi umprofethi loZakariya indodana kaIdo. Bakha, baqeda njengomyalo kaNkulunkulu ka-Israyeli nanjengomyalo kaKoresi noDariyu no-Aritahishashita inkosi yasePheresiya.


nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu nohla lwamapulangwe amasha; nezindleko mazikhishwe endlini yenkosi.


Yekani umsebenzi wale ndlu kaNkulunkulu; umbusi wamaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo.


Futhi abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu, okomnikelo wokushiswa kaNkulunkulu wezulu, ukolweni, nosawoti, newayini, namafutha, njengokumisa kwabapristi abaseJerusalema, kube usuku lwabo. Ngosuku olunikezwe ngaphandle kokulibala:


Ngokuba uthunywe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukuba uhlole uJuda neJerusalema ngokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho;


Ngoba kwakungumyalo wenkosi ngokuphathelene nabo ukuthi isabelo esithile kufanele sibe sabahlabeleli, usuku ngalunye.


nencwadi eya ku-Asafa, umlindi wehlathi wenkosi, ukuba anginike izinkuni zokwenza imishayo yamasango endlu yenkosi, neyogange lomuzi, neyendlu engiyakungena kuyo ngena. Inkosi yanginika ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wami phezu kwami.


Ngikhipha umyalo wokuba abantu kuyo yonke imibuso yombuso wami bathuthumele futhi besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngoba unguNkulunkulu ophilayo nogxilile kuze kube phakade, nombuso wakhe ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyolingana. Kuze kube sekupheleni.


Ngelami isiliva negolide ngelami,” usho uJehova Sebawoti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ