Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 5:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Base besiphendula bathi: “Siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu eyakhiwa eminyakeni eminingi edlule, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yayakha.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Babuyisela impendulo kithi, bathi: ‘Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 “Nansi impendulo eziphendula ngayo: ‘Siyizikhonzi zikaNkulunkulu wasezulwini nasemhlabeni, sakha kabusha indlu eyayakhiwe eminyakeni eminingi eyedlule, inkosi yakwa-Israyeli enamandla eyayiyakhe yayiqeda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 5:11
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngizakufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu, loNkulunkulu womhlaba, ukuthi kawuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlala phakathi kwawo.


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga kaNkunzi, eyinyanga yesishiyagalombili, yaqedwa indlu kuzo zonke izici zayo nangokwendlela yayo yonke. Ngakho wachitha iminyaka eyisikhombisa eyakha.


Kwathi ekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akha izindlu ezimbili, indlu kaJehova nendlu yenkosi,


Sabuza futhi amagama abo ukuze sikuqinisekise, ukuze sibhale amagama amadoda ayeyizinhloko zawo.


Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Dumisani uNkulunkulu wezulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


UNebukadinesari wasondela emnyango wesithando somlilo ovuthayo, wakhuluma wathi: “Shadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha. Khona-ke uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego baphuma emlilweni.


Wathi kubo: “NgingumHeberu; ngiyamesaba uJehova uNkulunkulu wezulu, owenza ulwandle nomhlabathi owomileyo.


Ngakho-ke lowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini.


Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu nayo iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;


Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo,


Ngokuba anginamahloni ngevangeli likaKristu, ngokuba lingamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo; kumJuda kuqala, nakumGreki futhi.


Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo; loba okwesono kube ngukufa, kumbe ukulalela kube ngukulunga?


Kepha mangingazibonga mina, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi, nami ezweni.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza; noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo ababephesheya komfula, nonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ