Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa abaningi babapristi namaLevi nezinhloko zezindlu zoyise, amaxhegu abona indlu yokuqala lapho kubekwa isisekelo sale ndlu phambi kwamehlo abo, bakhala ngezwi elikhulu; abaningi bamemeza ngentokozo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abaningi babapristi namaLevi, nezinhloko zawoyise, abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu phambi kwamehlo abo; abaningi bakhamuluka ngentokozo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Abaningi babaphristi, abaLevi, izinhloko zemindeni nabantu abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu lapho bezibonela ngawabo kubekwa isisekelo saleyo ndlu; abaningi babememeza ngentokozo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 3:12
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukuze abantu bahluleke ukwehlukanisa umsindo wenjabulo nokukhala kwabantu;


Noma ukuqala kwakho bekukuncane, nokho ukuphela kwakho kuyakwanda kakhulu.


Ophuma ekhala ethwele imbewu eyigugu uyakubuya ngokuthokoza, alethe izinyanda zakhe;


Dumisani uJehova, ngokuba kuhle ukuhlabelela inkazimulo kaNkulunkulu wethu; ngoba kumnandi; nokudumisa kuthandeka.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Omncane uyakuba yinkulungwane, omncane abe yisizwe esinamandla; Mina Jehova ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.


Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, usho uJehova, abantwana bakwa-Israyeli bayakufika, bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye, bahambe bakhale; bayohamba bayomfuna uJehova uNkulunkulu wabo.


Ngubani osele phakathi kwenu owabona le ndlu isenkazimulweni yayo yokuqala? futhi ubona kanjani manje? emehlweni enu alifani nalo njengento engelutho na?


Ngoba ngubani odelele usuku lwezinto ezincane? ngokuba bayakujabula, babone intambo yomthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele nalezi eziyisikhombisa; bangamehlo kaJehova agijima emhlabeni wonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ