Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu. Kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngosuku lwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini sendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngenxa yale ndaba nangenxa yemvula enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinsuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngale ndaba nangemvula enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBhenjamini babuthana eJerusalema ezinsukwini ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwama-20 lwenyanga. Bonke abantu bahlala phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, beqhaqhazela ngenxa yobucayi balolu daba, nangenxa yemvula enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:9
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umpristi u-Ezra wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile, nithathe abesifazane babezizwe ukuze nandise isiphambeko sika-Israyeli.


Manje masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokususa bonke abesifazane nabazelwe yibo ngokweseluleko senkosi yami nesalabo abathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; futhi makwenziwe ngokomthetho.


Futhi ukuthi noma ubani owayengafiki phakathi kwezinsuku ezintathu ngokweseluleko sezikhulu nabadala, yonke impahla yakhe yayiyothathwa, futhi kwakumelwe ahlukaniswe nenhlangano yabathunjwa.


Base bebuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko somhambi; ngahlala ngimangele kwaze kwaba ngumnikelo wakusihlwa.


Ngakho u-Esteri wayiswa enkosini u-Ahashiveroshi endlini yayo yobukhosi ngenyanga yeshumi, eyinyanga kaThebeti, ngomnyaka wesikhombisa wokubusa kwayo.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona inqwaba yamanzi ezulwini, futhi ubangela ukuba inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenza umbani nemvula, akhiphe umoya engcebweni yakhe.


Inkosi yayihlezi endlini yasebusika ngenyanga yesishiyagalolunye, umlilo uvutha phambi kwayo eziko.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ