Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Manje izinduna zethu zebandla lonke mazisukume, futhi bonke abathathe abafazi bezizwe emizini yethu mabeze ngezikhathi ezimisiweyo, kanye namalunga ayo yonke imizi nabahluleli bayo, kuze kufike ulaka lukaNkulunkulu wethu phezu kwalo suka kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathe abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kule ndaba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Vumelani abaholi bethu kube yibona abazosimela kulolu daba, bamele inhlangano yonke. Makuthi bonke emizini yakithi abaganwe ngabesifazane bezizwe beze ngezikhathi ezimisiweyo, behambisana namalunga nabehluleli bemizi yonke, luze lusuke kithi ulaka lukaNkulunkulu maqondana nalolu daba.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:14
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uJehova akabuyanga ekuvutheni kwentukuthelo yakhe enkulu, intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda, ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunule ngakho.


Ngilaleleni manje, nisindise abathunjwa enabathumba kubafowenu, ngokuba ulaka lukaJehova luphezu kwenu.


Manje sekusenhliziyweni yami ukwenza isivumelwano noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


Manje ningabi lukhuni njengawoyihlo, kodwa zinikeleni nina kuJehova, ningene endlini yakhe engcwele ayingcwelisile kuze kube phakade, nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu, ukuze kusuke kini ukuvutha kolaka lwakhe.


Kodwa abantu baningi, futhi kuyisikhathi semvula enkulu, futhi asinakuma ngaphandle, futhi akuwona umsebenzi wosuku olulodwa noma ezimbili, ngoba baningi bethu abonile kule ndaba.


Kuphela ngoJonathani indodana ka-Asaheli noJahasiya indodana kaThikiva ababesebenza kule ndaba; oMeshulamu noSabhethayi umLevi babasiza.


Kodwa yena owayelesihawu wabathethelela ububi babo, kababhubhisanga;


Ngalolosuku uyakuthi: Jehova, ngiyakukubonga; nakuba wawungithukuthelele, intukuthelo yakho yaphenduka futhi wangiduduza.


INkosi yasisithi kuMozisi: Thatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyeke phambi kwe Nkosi elangeni, ukuze kubuye ulaka lwe Nkosi kaIsrayeli.


Futhi akukho lutho oluqalekisiweyo oluyonamathela esandleni sakho, ukuze uJehova aphenduke ekuvutheni kwentukuthelo yakhe, abe nomusa kini, abe nomusa kini, akwandise, njengalokho athembisa oyihlo ngesifungo;


Kumelwe uye kubapristi abangamaLevi nomahluleli oyoba khona ngalezo zinsuku futhi ubuze; futhi bayonibonisa isigwebo sokwahlulela.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba enkulu yamatshe kuze kube namuhla. Kanjalo uJehova waphenduka ekuvutheni kwentukuthelo yakhe. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi: IsiGodi sase-Agori kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ