Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Ezra 10:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho vumani manje uJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze njengokufisa kwakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nakwabesifazane bezizweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ngakho-ke vumani izono zenu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, nenze intando yakhe; zehlukaniseni kubantu bezwe nakubafazi bezizwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Ezra 10:11
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHezekiya wakhuluma kamnandi nawo onke amaLevi ayefunde ukwazi okuhle kukaJehova; futhi ngesikhathi somkhosi badla izinsuku eziyisikhombisa banikela imihlatshelo yokubonga bavuma izono kuJehova uNkulunkulu wawoyise.


Umpristi u-Ezra wasukuma, wathi kubo: “Niphambukile, nithathe abesifazane babezizwe ukuze nandise isiphambeko sika-Israyeli.


Ibandla lonke laphendula, lathi ngezwi elikhulu: “Simelwe ukwenza njengokusho kwakho.


Manje masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokususa bonke abesifazane nabazelwe yibo ngokweseluleko senkosi yami nesalabo abathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; futhi makwenziwe ngokomthetho.


Kwathi lezo zinto sezenzekile, izikhulu zeza kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bamazwe ngokwenza izinengiso zabo kumaKhanani namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, namaMowabi, namaGibhithe, nama-Amori.


Lapho bezwa umthetho, bahlukanisa yonke ingxubevange yakwa-Israyeli.


Abantwana bakwa-Israyeli bazehlukanisa kubo bonke abezizwe, basukuma, bavuma izono zabo nobubi bawoyise.


Ngasivuma isono sami kuwe, kangibufihlanga ububi bami. Ngathi: Ngifuna ukuzivuma iziphambeko zami kuJehova; futhi wathethelela ububi besono sami. Sela.


Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.


Ngokuba usho kanje uJehova kubathenwa abagcina amasabatha ami, bakhetha engikuthandayo, nababambelela esivumelwaneni sami;


Vuma kuphela ububi bakho, ukuthi weqe kuJehova uNkulunkulu wakho, wahlakaza izindlela zakho kwabafokazi phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, anililalelanga izwi lami, usho uJehova.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nginihlalise kule ndawo.


Ngakho ngiyakunahlulela nina ndlu ka-Israyeli, kube yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe, isho iNkosi uJehova. Phendukani, niphenduke kuzo zonke iziphambeko zenu; ngakho ububi abuyikuba ukuwa kwenu.


Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu;


Ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu enhle, neyamukelekayo, nepheleleyo.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu;


Makaniphelelise emisebenzini yonke emihle ukuze nenze intando yakhe, esebenza kini lokho okubongekayo emehlweni akhe ngoJesu Kristu; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, mnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye; manje ngitshele okwenzileyo; ungangifihleli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ