Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 7:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; waqeda uzamcolo omkhulu, waqeda ingxenye yawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 INkosi uSimakade yangibonisa kanje: Bheka, iNkosi uSimakade yaphaka impi ngomlilo; wangqongqisa ekujuleni okukhulu, washisa nengxenye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 7:4
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ulaka alukho kimi; Bengizodlula kuzo, ngizishise kanyekanye.


Wena ndlu kaDavide, usho kanje uJehova; Ekuseni gcwalisa ukwahlulela futhi usindise ophangiwe esandleni somcindezeli, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo futhi lushise okungenakucinywa muntu ngenxa yobubi bezenzo zakho.


Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Yisho ezweni lakwa-Israyeli, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi; Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi kuwe.


Jehova, ngiyakhala kuwe, ngokuba umlilo udlile amadlelo asogwadule, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.


Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi nomlilo nezinsika zomusi.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, wabaqeda, bafa phambi kweNkosi.


Kodwa ngiyakuthuma umlilo endlini kaHasayeli, uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.


Kodwa ngizathumela umlilo phezu komduli weGaza, ozaqeda izindlu zayo zamakhosi.


Kodwa ngizathumela umlilo kwaJuda, njalo uzaqeda izigodlo zeJerusalema.


Ngabachitha abanye benu njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomora, naba njengesikhuni esophulwe emlilweni; kepha anizisolanga kimi,” usho uJehova.


Funani uJehova, niyakuphila; funa avuthe njengomlilo endlini kaJosefa, awuqede, kungabikho owucimayo eBethele.


INkosi uJehova yangibonisa kanje; bheka, wenza isikhonyane ekuqaleni kokuhluma kotshani lokugcina; bheka, kwakuyihlaza lokugcina ngemva kokusikwa kwenkosi.


Yangibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi odongeni olwenziwe ngentambo yomthofu wokumisa, iphethe intambo yomthofu wokumisa esandleni sayo.


Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.


Ngubani ongema phambi kolaka lwakhe? Ngubani ongahlala ekuvutheni kolaka lwakhe na? ulaka lwakhe luthululwa njengomlilo, namadwala awiswa phansi nguye.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.


Nangezingelosi uthi: “Owenza izingelosi zakhe zibe yimimoya, nezikhonzi zakhe amalangabi omlilo.


Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ