Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nina enithokoza ngento eyize, enithi: Asizithathelanga izimpondo amandla ethu na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 nina enithokoza ngento engelutho, nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Nina enithokoza ngeLo Debhari, nithi: “Asizithathelanga yini iKharnayimi ngezikhwepha zethu na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:13
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowashi indodana kaJowahazi waphinda wathatha esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHasayeli imizi ayeyithathile esandleni sikayise uJowahazi empini. UJehowashi wamshaya kathathu, wabuyisa imizi yakwa-Israyeli.


Wabuyisela umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle Lwasethafeni, njengezwi likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, alikhuluma ngesandla senceku yakhe uJona, indodana ka-Amithayi, umprofethi, kuthiwani ngoGathefer.


Uma ngijabula, ngokuba ingcebo yami inkulu, nangenxa yokuba isandla sami sikhulu;


Uma ngijabula ngokuchithwa kongizondayo, noma ngiphakanyiswe lapho okubi kumfumene;


Othemba lakhe liyakunqunywa, nethemba lakhe libe yintambo yolwembu.


Uzancika endlini yakhe, kodwa kayiyikuma; uyakuyibamba, kepha ayiyikuma.


Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:


Ngathi kwabayiziwula: Ningabi-yiziwula nakwababi: Ningaluphakamisi uphondo.


Ungaluphakamisi uphondo lwakho phezulu; ungakhulumi ngentamo elukhuni.


Jabula, nsizwa, ebusheni bakho; inhliziyo yakho mayikuthokozise emihleni yobusha bakho, uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nangokubona kwamehlo akho; kepha yazi ukuthi uNkulunkulu uyakukuyisa ekulungeni ngazo zonke lezi zinto.


Ezinsukwini zika-Ahazi indodana kaJothamu ka-Uziya inkosi yakwaJuda uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya inkosi yakwa-Israyeli benyukela eJerusalema ukulwa nalo, kodwa akakwazanga ukukunqoba.


Wathi kuye: “Nakekela, uthule; ningesabi, ningadangali ngenxa yemisila yomibili yale mililo ethunqayo, ngenxa yolaka lukaResini phezu kwe-Aramu nendodana kaRemaliya.


Njengoba laba bantu bewalahla amanzi aseSilowama ageleza kancane futhi bajabule ngoResini nendodana kaRemaliya;


Ngokuba nathokoza, ngokuba nathokoza, nina bachitha ifa lami, ngokuba nakhuluphalisa njengethokazi etshanini, nabhodla njengezinkunzi;


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.


Khuluma uthi: Itsho njalo iNkosi; Bheka, nginakho ngawe, Faro, nkosi yaseGibithe, udrako omkhulu olele phakathi kwemifula yakhe, owathi: ‘Umfula wami ungowami, ngizenzele wona ngokwami.’


Izwe laseGibithe liyakuba yihlane nehlane; bayakwazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: Umfula ungowami, ngiwenzile.


Ngakho-ke, nkosi, makwamukeleke iseluleko sami kuwe, wephule izono zakho ngokwahlulela nobubi bakho ngokuhawukela abampofu; uma kungase kube ukunwetshwa kokuthula kwakho.


Inkosi yasikhuluma yathi: Leli akusilo iBhabhiloni elikhulu engilakhele indlu yombuso ngamandla ami lodumo lobukhosi bami yini?


UJehova uNkulunkulu walungisa umhlakuva, wawumisa phezu kukaJona, ukuze ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumkhulula osizini lwakhe. UJona wajabula kakhulu ngomhlakuva.


Ngalolo suku aniyikuba namahloni ngazo zonke izenzo zenu eneqe ngazo kimi; ngokuba lapho ngiyakubasusa kini abathokoza ngokuzidla kwenu, ningabe nisazidla ngenxa yentaba yami engcwele.


Ngathi engelosini eyayikhuluma nami: “Kuyini lokhu na? Yasingiphendula yathi: Lezi ziyizimpondo ezahlakaza uJuda, uIsrayeli leJerusalema.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;


Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzibonga okunjalo kubi.


Nabakhileyo emhlabeni bayakujabula ngabo, bajabule, bathumele izipho omunye komunye; ngoba laba baprofethi ababili babahlupha abakhileyo emhlabeni.


Baphuma baya ensimini bavuna izivini zabo, banyathela izithelo zomvini, bajabula, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.


Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJehova ufika ekamu, wonke u-Israyeli wakhala ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ