Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba bheka, uJehova uyayala, futhi uyakuyishaya indlu enkulu ibe yimifantu, nendlu encane ibe yimifantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Ngokuba bhekani, uSimakade ukhipha umyalo, uyakushaya indlu enkulu ibe yizimvithi, nendlu encane ibe yimfucumfucu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 6:11
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi nazo zonke izindlu zaseJerusalema nendlu yabo bonke abakhulu ngomlilo.


Ngaphezu kwalokho, wabiza indlala phezu kwezwe; waluhlephula lonke udondolo lwesinkwa.


Wakhuluma, kwafika izibawu nezintwala kuzo zonke izifunda zabo.


Wakhuluma, kwafika isikhonyane, nezinkumbi, nalezi ezingenakubalwa;


Ngobuvila obuningi isakhiwo siyabhubha; ngobuvila bezandla indlu iyawa.


Ngibayalile abangcwele bami, futhi ngibizile abanamandla bami ngenxa yentukuthelo yami, labo abajabula ngokuphakama kwami.


Lizakuba njalo ilizwi lami eliphuma emlonyeni wami: kaliyikubuyela kimi lilambatha, kodwa lizafeza lokho engikuthandayo, njalo lizaphumelela kukho konke engilithumele khona.


ISamariya liyosala lishiyiwe; ngoba liyahlubuka kuNkulunkulu walo; bayakuwa ngenkemba; izinsana zabo ziyochotshozwa, futhi abesifazane babo abakhulelwe bayoklebhulwa.


Futhi ngiyochitha indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo; izindlu zophondo lwendlovu ziyakubhubha, nezindlu ezinkulu ziphele,” usho uJehova.


Kusukela lapho ninyathela ompofu, nithatha isithungu senu, nakhe izindlu zamatshe abaziweyo, kepha aniyikuhlala kuzo; nitshale izivini ezithandekayo, kepha aniyikuphuza iwayini lazo.


INkosi uJehova izifungile, isho iNkosi uJehova Sebawoti, ithi: “Ngiyakwenyanya ukuzidla kukaJakobe, ngiyazonda izindlu zakhe zamakhosi; ngalokho ngiyakuwunikela umuzi nakho konke okukuwo.


Ngabona iNkosi imi e-altare, yathi: “Shaya umbundu ongaphezulu womnyango, ukuze izinsika zizamazame; uwaqobe wonke ekhanda; futhi ngizobulala abokugcina kubo ngenkemba;


Ngokuba bhekani, ngiyaleza, futhi ngiyohlunga indlu ka-Israyeli phakathi kwezizwe zonke, njengokuhlungwa kukakolweni ngesisefo, kepha akuyikuwela nokuncane okusanhlamvu emhlabathini.


UJehova wayala ngani ukuba kungabe kusahlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma isithombe esibaziweyo nesithombe esibunjiweyo; ngoba ukhohlakele.


Ngiyakubutha zonke izizwe ukuba zilwe neJerusalema; umuzi uyothathwa, izindlu ziphangwe, nabesifazane bahlazeke; ingxenye yomuzi iyakuthunjwa, insali yabantu ayiyikunqunywa emzini.


Lapho u-Edomi ethi: “Simpofu, kepha siyakubuya, sakhe izindawo eziyincithakalo; usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bayakwakha, kepha mina ngiyakudiliza; bayakubabiza ngokuthi: Umkhawulo wobubi, Abantu uJehova abathukuthelele kuze kube phakade.


Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ