Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 4:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho imizi emibili noma emithathu yazulazula emzini owodwa ukuyophuza amanzi; kepha abasutha; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Imizi emibili noma emithathu yadiyazela, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; nakuba kunjalo kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 4:8
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ahabi wayesethi ku-Obadiya: “Hamba uye ezweni, emithonjeni yonke yamanzi nakuyo yonke imifudlana; mhlawumbe singafumana utshani bokuphila amahhashi neminyuzi, ukuze singalahlekelwa yizo zonke izilwane.


ama-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva; futhi bayodla u-Israyeli ngemilomo evulekile. Kukho konke lokhu ulaka lwakhe alubuyanga, kodwa isandla sakhe sisaluliwe.


Ngabona futhi into embi kubaprofethi baseJerusalema: bayaphinga, bahamba ngamanga; baqinise izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi nabakhileyo kulo njengeGomora.


Ngakho izihlambi zanqandwa, akubangakho mvula yamuva; futhi wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Ngathi emva kokwenza zonke lezi zinto: Phendukela kimi. Kodwa akabuyanga. Udadewabo okhohlisayo uJuda wakubona.


Jehova, amehlo akho awagxilile eqinisweni na? Wabashaya, kepha abadabukanga; Wabaqeda, kepha bala ukujeziswa; benza ubuso babo baba lukhuni kunedwala; bala ukubuya.


Kayikubuyela elizweni leGibhithe, kodwa iAsiriya lizakuba yinkosi yayo, ngoba bala ukubuya.


Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kepha abaphendukela kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.


Futhi nganinika ukuhlanzeka kwamazinyo emizini yenu yonke nokuswela isinkwa kuzo zonke izindawo zenu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.


Niyakudla, kepha ningasuthi; nokulahlwa kwakho kuyoba phakathi kwakho; niyakubamba, kepha ningasindisi; futhi lokho eninikela ngakho ngizokunikela enkembeni.


Nihlwanyele okuningi, ningenise okuncane; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha anisuthi ngokuphuzwayo; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; noholayo uhola ngokuwaphonsa esikhwameni esinezimbobo.


Nganishaya ngamabele ahandlekayo, nangamazolo, nangesichotho, kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ