Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 4:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho-ke ngizakwenza lokhu kuwe, Israyeli; futhi ngenxa yokuthi ngizokwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngalokho ngiyakwenze njalo kuwe Israyeli; njengokuba ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 “Ngakho-ke ngiyakwenza kanjalo kuwe, Israyeli, njengoba-ke ngiyakwenza lokhu kuwe, zilungiselele ukuhlangana noNkulunkulu wakho, Israyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 4:12
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Thuthumelani nina besifazane abanokuthula; yesabani nina eningenandaba, nihlubule nihlubule, nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.


Ubunqunu bakho buyakwambulwa, yebo, nehlazo lakho liyobonakala;


Njengalapho umlilo oncibilikayo uvutha, umlilo ubilisa amanzi, ukuze wenze igama lakho laziwe ezitheni zakho, ukuze izizwe zithuthumele phambi kwakho!


Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?


Anikhuphukelanga ezikhaleni, futhi anibiyelanga indlu yakwa-Israyeli uthango ukuba ime ekulweni ngosuku lukaJehova.


Ngafuna phakathi kwabo umuntu ongakha uthango, eme esikhaleni phambi kwami ngenxa yezwe, ukuze ngingalichithi; kodwa angitholanga lutho.


Ngiyakuhlangana nabo njengebhere eliphucwe amawundlu alo, ngiklebhule ikhanda lenhliziyo yabo, ngibadle khona njengengonyama, isilo sasendle sibadwebe.


Ngakho ukubaleka kwejubane kuyakubhubha, nonamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzisindisa.


Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangi.


Vumelana masinyane nesitha sakho, usesendleleni naso; funa omelene nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.


Ngakho khumbula ukuthi wamukele wezwa njani, ubambelele, uphenduke. Ngakho uma ungalindi, ngizakuza kuwe njengesela, njalo kawusoze walazi ihola engizakuza ngalo phezu kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ