Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Usho kanje uJehova, uthi: “Njengomalusi ekhipha izidladla ezimbili emlonyeni wengonyama, nesicucu sendlebe; kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakuthunjwa abahlala eSamariya ekhoneni lombhede naseDamaseku embhedeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Usho kanje uJehova, uthi: “Njengalokhu umalusi ophula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma inxenye yendlebe, kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakophulwa, abahlala eSamariya ezingosini zezihlalo naphezu kwezingubo zikasilika* zemibhede.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Usho kanje uSimakade uthi: “Njengomelusi ekhulula emlonyeni wengonyama imilenze emibili noma ingxenye yendlebe, bayakukhululwa kanjalo abantu bakwa-Israyeli, abahlala eSamariya ezihlalweni ezinofonofo ezembozwe ngosilika.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:12
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha abanye babalekela e-Afeki emzini; kwawela ugange phezu kwamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa. UBhenihadadi wabaleka, wangena emzini ekamelweni elingaphakathi.


UBeni Hadadi wayesethi kuye: “Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisela; uyakuzenzela izitaladi eDamaseku njengalokho ubaba azenzela eSamariya. Wayesethi u-Ahabi: “Ngiyakunimukisa ngalesi sivumelwano.” Futhi wenza isivumelwano naye, wammukisa.


Wayesethi uMika: “Bheka, uyakukubona ngalolo suku, uma ungena ekamelweni ukuba ucashe.


Inkosi yase-Asiriya yamlalela, ngokuba inkosi yase-Asiriya yakhuphukela eDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu bayo eKiri, yambulala uResini.


Kwakukhona izilenge ezimhlophe, nokuluhlaza nokuluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nokububende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe, imibhede yayiyigolide nesiliva endaweni egandayiweyo ebomvu, nokuluhlaza, nokumhlophe, nokumnyama, nemabula.


Inkosi yayisibuya ensimini yendlu yenkosi, yaya endaweni yedili; uHamani wawela embhedeni u-Esteri ayekuwo. Inkosi yasisithi: Indlovukazi izangena endlini phambi kwami yini? Kwathi ekuphumeni kwelizwi emlonyeni wenkosi, babumbesa ubuso bukaHamani.


Ngiqinisile, angiyikungena etabernakele lendlu yami, noma ngikhwele embhedeni wami;


Ngalolo suku umuntu uyobheka kuMenzi wakhe, futhi amehlo akhe ayobheka koNgcwele ka-Israyeli.


Ngoba itsho njalo kimi iN kosi, isithi: Njengesilwane lebhongo lesilwane elibhongela impango yayo, lapho abelusi bebizelwa phezu kwayo, kayiyikwesaba ilizwi labo, kayikuzithoba ngenxa yomsindo yabo hhayi. Kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla ukuba alwele intaba yaseSiyoni negquma layo.


Ngoba engakakwazi umntwana ukuthi: Baba lomama, ingcebo yeDamaseko lempango yeSamariya kuzakwemukwa phambi kwenkosi yeAsiriya.


elala emibhedeni yophondo lwendlovu, yelula emibhedeni yayo, idle amawundlu ezimvu namathole esibayeni;


Bheka, amehlo eNkosi uJehova aphezu kombuso owonayo, ngiwuchithe emhlabeni; ngaphandle kokuthi angiyikushaya indlu kaJakobe ngesiqalekiso, usho uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ