Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 2:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwakhe; ngokuba badelela umthetho kaJehova, kabagcinanga imiyalo yakhe, amanga abo abadukisa njengalokho abahamba oyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe, namanga abo abadukisile, abawalandelayo nawoyise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaJuda, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade, bangazigcina izimiso zakhe, amanga abo abadukisa, abawalandela nokhokho babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 2:4
53 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

NoJuda akagcinanga imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, kepha wahamba ngezimiso zakwa-Israyeli ababezenzile.


Kwathi lapho u-Amasiya esebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi, waletha onkulunkulu babantwana bakwaSeyiri, wabamisa babe onkulunkulu bakhe, wakhothamela phambi kwabo, kwashunqa umusi kubo.


Ningabi njengoyihlo nanjengabafowenu abenza ngokungathembeki kuJehova uNkulunkulu wawoyise, owabanikela babe yinqwaba yencithakalo, njengokuba nibona.


Senze okubi kakhulu kuwe, asigcinanga imiyalo, nezimiso, nezahlulelo, owayala ngakho inceku yakho uMose.


Kodwa kabalalelanga, bakuhlubuka, baphosela umlayo wakho ngemva kwemihlane yabo, bababulala abaprofethi bakho ababefakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izinengiso ezinkulu.


Ngokuba nithi: Senzile isivumelwano nokufa, sivumelana nendawo yabafileyo; uma isifo esibi sidlula, asiyikusehlela;


Ukhuphula umlotha; inhliziyo ekhohlisayo imjikisile, ukuze angakwazi ukusindisa umphefumulo wakhe futhi angasho ukuthi: Akukho manga esandleni sami sokunene na?


Uzakuthi kibo: Ngoba oyihlo bangitshiyile, itsho iNKOSI, balandela abanye onkulunkulu, babakhonza, babakhothamela, bangilahla, kabagcinanga umlayo wami;


Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.


Kepha uma ningangilaleli ukungcwelisa usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo, ningene ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha; ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacimi.


Zwana, mhlaba, bheka, ngehlisela okubi phezu kwalaba bantu, yebo, isithelo semicabango yabo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami nomthetho wami, kepha bawulahla.


Bayowendlala phambi kwelanga nenyanga naphambi kwebandla lonke lasezulwini ababelithanda nababelikhonza, ababelilandela, ababelifuna, bekhuleka; abayikubuthwa, bangangcwatshwa; bazakuba semhlabeni ukuze babe ngumquba.


Abahlakaniphileyo bayajabha, bayesaba, bavalelwe; bheka, balilahlile izwi likaJehova; kukhona ukuhlakanipha kuni na?


Kodwa bahamba ngobunkana bezinhliziyo zabo nangoBhali ababafundisa ngabo oyise.


Ngoba niyidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingabadabukanga; futhi waqinisa izandla zomubi ukuze angabuyi endleleni yakhe embi ngokumthembisa ukuphila.


Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, badelela izahlulelo zami, okuthi uma umuntu ezenza, aphile ngazo; amasabatha ami bawangcolisa kakhulu;


Ngokuba bazidelela izimiso zami, abahambanga ngezimiso zami, bawona amasabatha ami, ngokuba inhliziyo yabo yalandela izithombe zabo.


Kodwa ngathi kubantwana babo ehlane: Ningahambi ngezimiso zawoyihlo, ningazigcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


ngokuba abagcinanga izimiso zami, badelela izimiso zami, bawona amasabatha ami, amehlo abo alandela izithombe zawoyise.


Ngakho yithi kuyo indlu kaIsrayeli: Itsho njalo iNkosi uJehova; Ningcolisiwe ngokwesiko lawoyihlo na? futhi baphinge ngezinengiso zabo?


Abaprofethi bawo bazinameke ngodaka olulukhuni, bebona ngeze, beprofetha amanga kubo, bethi: Isho kanje iNkosi uJehova, uJehova engakhulumanga.


Udelele izinto zami ezingcwele, wawona amasabatha ami.


UJehova uphikisana noJuda, uyakuhambela uJakobe ngokwezindlela zakhe; uyakumbuyisela ngokwezenzo zakhe.


Wabamba umfowabo ngesithende esiswini sikanina, ngamandla akhe waba namandla kuNkulunkulu.


Futhi, Juda, wakumisela isivuno lapho ngibuyisela isabelo sabantu bami.


Usho kanje uJehova; Eziphambekweni ezintathu zaseDamaseku nangezine angiyikukubuyisa isijeziso sayo; ngoba babhula iGileyadi ngezibhulo zensimbi.


Ngazi wena wedwa ezizukulwaneni zonke zomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.


Ngokuba ingcebo yalo igcwele ubudlova, nabakhileyo kuyo bakhulume amanga, nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.


Sinenzuzoni isithombe esibaziweyo esisikiwe umenzi waso; isithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, ukuthi umenzi wemisebenzi yakhe athembe ukwenza izithombe eziyizimungulu na?


abaguqule iqiniso likaNkulunkulu libe ngamanga, bakhuleka, bakhonza okudaliweyo kunoMdali obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu osinikile noMoya wakhe oNgcwele.


Njengoba nazi ukuthi anihlengwanga ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, enkambweni yenu eyize enayamukeliswa oyihlo;


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali, no-Ashitaroti, nonkulunkulu base-Aramu, nonkulunkulu baseSidoni, nonkulunkulu bakwaMowabi, nonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nonkulunkulu bama-Amoni. Onkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, abamkhonzanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ