Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngiyakwaphula umgoqo waseDamaseku, nginqume abakhileyo ethafeni lase-Aveni nophethe intonga yobukhosi endlini yase-Edene; futhi abantu base-Aramu bayothunjelwa eKhiri,” kusho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku, nginqume abakhileyo eBikati Aveni, nophethe intonga eBeti Edene, abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Ngiyakwaphula imigoqo yamasango eDamaseku, ngibhubhise izakhamuzi zasesigodini i-Aveni, nophethe intonga yobukhosi eBhethi Edeni. Abantu base-Aramu bayakuthunjelwa eKhiri,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:5
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ezinye izindaba zikaJerobowamu nakho konke akwenzayo, namandla akhe, indlela alwa ngayo, nendlela abuyisela ngayo iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda ku-Israyeli, azibhalwanga encwadini yeziKronike lamakhosi akoIsrayeli?


Inkosi yase-Asiriya yamlalela, ngokuba inkosi yase-Asiriya yakhuphukela eDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu bayo eKiri, yambulala uResini.


I-Elamu yaphatha umgodla kanye nezinqola zabantu nabamahhashi, iKiri lembula isihlangu.


Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; Ngenxa yenu ngathumela eBabele, ngehlisela phansi zonke izikhulu zabo namaKaledi akukhala emikhunjini.


Ngoba engakakwazi umntwana ukuthi: Baba lomama, ingcebo yeDamaseko lempango yeSamariya kuzakwemukwa phambi kwenkosi yeAsiriya.


Inkemba iphezu kwabaqamba amanga; bayakudla; inkemba ifike phezu kwamaqhawe akhe; futhi bayoshaywa luvalo.


Amaqhawe aseBabele ayeka ukulwa, ahlala ezinqabeni zawo; amandla abo aphela; baba njengabesifazane; ashisa izindlu zakhe; imigoqo yakhe iphukile.


Amasango alo acwile emhlabathini; imigoqo yakhe wayichitha, wayiphula; inkosi yalo nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe; umthetho awusekho; abaprofethi bawo ababufumani ubuso bukaJehova.


IHarana, neKhane, ne-Edene, abathengisi baseSheba, nase-Ashuri, naseKilimadi, babe ngabathengi bakho.


Izinsizwa zase-Aveni nasePhibesheti ziyakuwa ngenkemba, futhi le mizi iyothunjwa.


Izintaba zase-Aveni, isono sika-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva nekhakhasi kuyakumila phezu kwama-altare abo; bayakuthi ezintabeni: Sisibekeleni; nakumagquma: Welani phezu kwethu.


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.


Aninjengabantwana bamaKushe yini kimi, nina bantwana bakwa-Israyeli? kusho uJehova. Angimkhuphulanga yini u-Israyeli ezweni laseGibithe na? namaFilisti eKafitori, nama-Aramu aseKiri?


Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane; amasango ezwe lakho ayovulelwa kakhulu izitha zakho; umlilo uyodla izingidi zakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ