Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa awabona ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi inkosi yakwa-Israyeli iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amazwi ka-Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Amazwi ka-Amose owayengomunye wabelusi bezimvu edabuka eThekhowa, aqondene nalokho akubonayo ngo-Israyeli ezinsukwini zika-Uziya, inkosi yakwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobhowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, eminyakeni emibili ngaphambi kokuzamama komhlaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:1
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Zinike izingubo zokulila, wembathe ukulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane olilela ofileyo isikhathi eside;


Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe.


Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amaziya.


Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wabusa eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.


Bavuka ekuseni kakhulu, basuka baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo, uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda, nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.


UMose wayeselusa umhlambi kaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; wahola umhlambi emva kwehlane, wafika entabeni kaNkulunkulu kuze kufike eHorebe.


Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.


Amazwi kaJeremiya indodana kaHilikiya wabapristi base-Anathoti ezweni lakwaBenjamini:


Abaprofethi ababengaphambi kwami naphambi kwakho baprofetha emazweni amaningi nangemibuso emikhulu, ngempi, nangobubi, nangesifo.


Nina bantwana bakwaBenjamini, hlanganani nibalekele eJerusalema, nibethe icilongo eThekhowa, nimise isibonakaliso somlilo eBeti Hakeremi, ngokuba ububi buvela enyakatho nokubhubhisa okukhulu.


Ngakho uyakuwakhuluma onke lawa mazwi kubo; kodwa kabayikukuzwa; futhi kumelwe ubabize; kodwa kabayikukuphendula.


Izwi likaJehova elafika kuHosheya indodana kaBeri emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.


Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisuye umprofethi, nandodana yomprofethi; kodwa ngangingumalusi nomvuni wemisikhamori;


Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoreti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, alibona ngeSamariya neJerusalema.


Niyobalekela esigodini sezintaba; ngoba isigodi sezintaba siyofinyelela e-Asali, yebo, niyobaleka njengoba nabalekela ukuzamazama komhlaba ezinsukwini zika-Uziya inkosi yakwaJuda, futhi uJehova uNkulunkulu wami uyofika, nabo bonke abangcwele kanye nani.


UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi.


Kodwa uNkulunkulu ukhethile izinto zobuthutha zomhlaba ukuze ajabhise ezihlakaniphileyo; futhi uNkulunkulu ukhethile izinto ezibuthakathaka zezwe ukuze ajabhise izinto ezinamandla;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ