Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




URuthe 2:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 UBhowazi wathi kuye: “Woza lapha ngesikhathi sokudla, udle isinkwa, ugcobhoze ucezu lwakho kuviniga.” Wahlala phansi eduze kwabavuni, wafika kuye amabele akhanyiwe, wadla, wasutha, wahamba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngesikhathi sokudla uBowazi wathi kuye: “Woza lapha, udle isinkwa, ugcobhoze ucezu lwakho kuviniga.” Wahlala eceleni kwabavuni, wamnika utshwele, wadla wasutha, washiya phansi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Ngesikhathi sekudliwa uBhowazi wathi kuye: “Woza lapha uzokudla isinkwa, ugcobhoze ucezu lwakho ewayinini elitshodile.” Wahlala eduze kwabavuni, wamnika utshwele, wadla wasutha kwaze kwasala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




URuthe 2:14
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lethani imibhede, nezitsha, nezimbiza zebumba, nokolweni, nebhali, nempuphu, nokolweni othosiwe, nobhontshisi, nodalili, namabele athosiweyo;


Ulungisa itafula phambi kobuso bami phambi kwezitha zami; Ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.


Kodwa abaphanayo bacabanga ngokuphana; futhi uyokuma ezintweni zokuphana.


Akukhona yini ukunika olambileyo isinkwa sakho nokuletha abampofu abaxoshwa endlini yakho na? uma ubona onqunu, umembese; nokuthi ungazifihli enyameni yakho?


Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.


Ngiyakuthumelela izinkomo zakho utshani edlelweni lakho, udle, usuthe.


Lapho usudlile usuthe, kumelwe udumise uJehova uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Wathi: “Mangithole umusa emehlweni akho, nkosi yami; ngokuba ungiduduzile, wakhuluma kahle kuyo incekukazi yakho, nakuba ngingenjengenye yezincekukazi zakho.


Esesukuma ukukhothoza, uBhowazi walaya izinsizwa zakhe, wathi: “Myekeni akhothoze naphakathi kwezithungu, ningamkhuzi.”


Wakuthatha, waya emzini, uninazala wakubona abekuthathile;


UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Thatha abafowenu i-efa likakolweni othosiwe nalezi zinkwa eziyishumi, ugijimele ekamu kubafowenu;


Khona-ke u-Abigayili washesha wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili namasaka amabili ewayini nezimvu ezinhlanu ezilungisiwe namaseya amahlanu kakolweni ogaziniwe nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomisiwe namaqebelengwane amakhiwane angamakhulu amabili wakubeka ezimbongolweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ