Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 31:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 UMose wabathuma empini, inkulungwane esizweni, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye empini, bephethe izinto ezingcwele namacilongo okubethwa esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 UMose wawathumela empini, inkulungwane ivela kuleso naleso sizwana kanye noFinehasi, indodana ka-Eleyazare, umphristi, ephethe ngesandla izitsha zendawo engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 31:6
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo no-Israyeli noJuda bahlala ematendeni; inkosi yami uJowabe nezinceku zenkosi yami bakanise endle; ngiyakungena endlini yami ukuba ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? uma niphila, nokuphila komphefumulo wenu, angiyikuyenza le nto.


indodana ka-Abishuwa, indodana kaFinehasi, indodana ka-Eleyazare, indodana ka-Aroni, umpristi omkhulu;


Njengakho konke engikubonisa khona, njengesifanekiso setabernakele nesifanekiso sezinto zonke zalo, niyakulenza kanjalo.


Kodwa baba nesibindi sokukhuphukela esiqongweni sentaba; nokho umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose abasukanga ekamu.


Ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli kwakhishwa inkulungwane esizweni, izinkulungwane eziyishumi nambili zihlomele impi.


Lapho nisondela ekulweni, umpristi makasondele, akhulume kubantu:


Abantwana bakwa-Israyeli bathumela kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nasengxenyeni yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi;


USawule wayesethi ku-Ahiya: “Letha lapha umphongolo kaNkulunkulu. Ngoba umphongolo kaNkulunkulu wawukubantwana bakwa-Israyeli ngaleso sikhathi.


UDavide wazi ukuthi uSawule umenze okubi ngasese; wathi ku-Abiyathara umpristi: “Letha ingubo yamahlombe.”


Isithunywa saphendula sathi: “U-Israyeli wabaleka phambi kwamaFilisti, futhi kwaba khona ukubulala okukhulu phakathi kwabantu, namadodana akho omabili, oHofini noFinehasi, afile, nomphongolo kaNkulunkulu wathathwa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ