Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 23:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 UBalaki wayesethi kuBileyamu: “Woza, ngikuyise kwenye indawo; mhlawumbe kungaba kuhle kuNkulunkulu ukuthi ungiqalekisele bona ulapho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Wathi uBalaki kuBileyamu: “Ake uze, ngikuyise kwenye indawo; mhlawumbe kungaba kuhle emehlweni kaNkulunkulu ukuba ungiqalekisele bona uselapho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 UBhalaki wathi kuBhileyamu: “Ngiyakuncenga woza, siye kwenye indawo, mhlawumbe uNkulunkulu uyakuthokoza ngayo bese ungiqalekisela bona lapho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 23:27
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza.


Kunamacebo amaningi enhliziyweni yomuntu; nokho icebo likaJehova liyakuma.


Akukho kuhlakanipha, nokuqonda, nasiluleko esingamelana noJehova.


Ngokuba uJehova Sebawoti ukuhlosile, ngubani oyakuchitha na? nesandla sakhe seluliwe, ngubani ongasibuyisela emuva?


Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho amadodana akho kaJakobe awaqedwanga.


Woza-ke, ungiqalekisele laba bantu; ngokuba banamandla kunami; mhlawumbe ngizonqoba, ukuze sibahlule futhi sibaxoshe ezweni; ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nalowo omqalekisayo uqalekisiwe.


UBalaki wayesethi kuye: “Woza nami siye kwenye indawo lapho ungababona khona; uzobona kuphela ukweqisa kwabo hhayi bonke; ungiqalekisele wona usulapho.


Kodwa uBileyamu waphendula wathi kuBalaki: “Angikutshelanga yini ngokuthi: Konke uJehova akukhulumayo ngiyakukwenza na?”


UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori esibhekene noJesimoni.


Ngokuba izipho nokubiza kukaNkulunkulu akukhona ukuphenduka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ