UNumeri 1:50 - Contemporary Zulu Bible 202450 Kodwa kumelwe ubeke amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi naphezu kwazo zonke izitsha zalo naphezu kwakho konke okungokwalo; kumelwe bathwale itabernakele nazo zonke izinto zalo; bayakulikhonza, balimise nxazonke zetabernakele. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE50 kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 202050 Kunalokho uyakubabeka abaLevi bengamele ithabanakeli lobufakazi nayo yonke impahla yalo, bayakulithwala ithabanakeli nempahla yalo yonke, bakhonze kulo, bakhe amathende abo, balizungeze. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Lapho u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukumboza indlu engcwele nazo zonke izinto zendlu engcwele lapho ikamu kumelwe lisuke; emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukulithwala; kodwa akumelwe bathinte lutho olungcwele, funa bafe. Lezi zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
Ngamnika u-Aroni namadodana akhe amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abe yisipho kubantwana bakwa-Israyeli, benze inkonzo yabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana, benzele abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana. Kasikho isifo phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, lapho abantwana bakoIsrayeli besondela endlini engcwele.