Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 8:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ibandla lonke lababebuyile ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala phansi kwamadokodo; ngoba kusukela emihleni kaJeshuwa indodana kaNuni kuze kube yilolosuku abantwana bakoIsrayeli kabakwenzanga lokho. Futhi kwakukhona injabulo enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa, indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa-Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Lonke ibandla lababekade bethunjiwe, lakha amadokodo, lahlala kuwo. Kwakungokokuqala kwenzeka kanje, kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa, indodana kaNuni, kuze kube namuhla, abantu bakwa-Israyeli babengakaze benze kanjalo. Umkhosi bawugubha ngenjabulo enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 8:17
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wadla, waphuza ngokuthokoza okukhulu phambi kukaJehova ngalolo suku. Basebembeka uSolomoni indodana kaDavide inkosi ngokwesibili, bamgcobela uJehova abe ngumbusi omkhulu, noSadoki abe ngumpristi.


Kwaba khona intokozo enkulu eJerusalema, ngokuba kusukela emihleni kaSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akuzange kube khona okunjalo eJerusalema.


Kwakungekho phasika elinjengalelo elalenziwa kwa-Israyeli kusukela emihleni yomprofethi uSamuweli; futhi wonke amakhosi akwa-Israyeli akazange alenze iphasika elinjengalo alenzayo uJosiya, nabapristi namaLevi noJuda wonke no-Israyeli ababekhona kanye nabakhileyo eJerusalema.


yebo ngokwesilinganiso esithile izinsuku zonke, umnikelo womyalo kaMose, ngamasabatha, nokuthwasa kwenyanga, nangemikhosi, kathathu ngomnyaka, ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo nangomkhosi. Lamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


Bagcina nomkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla njengenani, njengomthetho, njengemfanelo yosuku ngalunye;


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Izinsuku eziyisikhombisa uyakugcina umkhosi wokudumisa uJehova uNkulunkulu wakho endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho; jabulani.


Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngokholo wagogobala elizweni lesithembiso njengowezizwe, ehlala emathenteni kanye loIsaka loJakobe, ababeyizindlalifa kanye laye zalesosithembiso;


Ngoba uba uJesu wayebaphumuzile, ubengasoze akhulume ngolunye usuku.


Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaMose, wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ