Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 6:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Nkulunkulu wami, khumbula oThobiya noSanibhalati njengalezi zenzo zabo, nangomprofethikazi uNowadiya nabanye abaprofethi ababengangethusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngakhuleka ngathi: “Khumbula, Nkulunkulu wami, oThobiya noSanibalati ngalezo zenzo zabo, nomprofethikazi uNohadiya, nabanye abaprofethi, ababengesabisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 “Nkulunkulu wami, khumbula okwenziwe nguThobiya noSanibhalathi, ungiphindiselele kubo nakumphrofethikazi uNowadiya, nakwabanye abaphrofethi abazama ukungesabisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 6:14
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bakhumbule, Nkulunkulu wami, ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sobupristi nesamaLevi.


Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle, njengakho konke engikwenzele laba bantu.


Khumbula, Jehova, abantwana bakwa-Edomi ngosuku lweJerusalema; owathi: Dilili, lihlukanise, kuze kube sesisekelo salo.


Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na? Kungani nikude kangaka ekungisizeni nasemazwini okubhonga kwami na?


Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami; ngiyakukufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena, inyama yami iyakulangazelela ezweni elomileyo elomileyo, elingenamanzi;


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma bamlandela bephethe izigubhu nokusina.


Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe; Labo baprofethi bayoqedwa ngenkemba nangendlala.


Lapho ngiphuma ngiya ensimini, bheka labo ababulewe ngenkemba! futhi lapho ngingena emzini, bheka labo abaphethwe yindlala! yebo, umprofethi kanye nompristi bazulazula ezweni abangalazi.


Kwathi ngawona lowo mnyaka, ekuqaleni kokubusa kukaZedekiya, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka wesine nangenyanga yesihlanu, uHananiya, indodana yomprofethi u-Asiriya, owayevela eGibeyoni, wakhuluma nami. Endlini kaJehova phambi kwabapristi nabo bonke abantu, wathi:


Umprofethi uHananiya wayesesusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walephula.


Umprofethi uJeremiya wayesethi kuHananiya umprofethi: “Lalela, Hananiya! UJehova akakuthumanga; kodwa wena wenza laba bantu bathembele emangeni.


Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi, badukise abaningi.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Njengoba uJane loJambre bamelana loMozisi, ngokunjalo laba bamelana leqiniso, abantu abalengqondo eyonakeleyo, abalamandla ekukholweni.


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela.


Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ