Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 7:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Konke lokhu ngakubona ezinsukwini zami eziyize: kukhona olungileyo obhubhayo ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Konke ngikubonile emihleni yami eyize: kukhona olungileyo obhubhile ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize: umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe, nomuntu omubi ephila isikhathi eside ebubini bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 7:15
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; oyise ezinsukwini zokuhambela kwabo.


Khona kwangena amadoda amabili, amadodana kaBheliyali, ahlala phambi kwakhe; abantu ababi bafakaza ngaye uNaboti phambi kwabantu, bathi: “UNabhoti uthukile uNkulunkulu nenkosi; Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa kwenhliziyo yakhe, abusise ohahayo, uJehova amzondayo.


Ngempela, wonke umuntu uhamba ngomlayezo oyize; impela bahlukunyezwa ngeze; ubutha ingcebo, akazi ukuthi ngubani oyibuthelayo.


Ngoba zonke izinsuku zakhe ziwusizi lomhelo; yebo, inhliziyo yakhe ayiphumuli ebusuku. Nalokhu kuyize.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga indawo yokwahlulela, ukuthi kukhona ububi; nendawo yokulunga kwakukhona ububi.


Ngoba ngubani owaziyo okumlungele umuntu kulokhu kuphila, zonke izinsuku zokuphila kwakhe okuyize azidlayo njengesithunzi na? ngoba ngubani ongazi okuzakuba emva kwakhe phansi kwelanga?


Hlala ngokuthokoza nowesifazane omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize akunike zona phansi kwelanga, zonke izinsuku zakho eziyize; ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokhu kuphila nasemshikashikeni wakho owenzayo phansi kwelanga.


Ngeke kusaba khona usana lwezinsuku, noma ixhegu elingakazigcwalisi izinsuku zalo; ngoba umfana uyakufa eleminyaka eyikhulu; kepha isoni esineminyaka eyikhulu siyakuqalekiswa.


Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ