Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 2:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngoba zonke izinsuku zakhe ziwusizi lomhelo; yebo, inhliziyo yakhe ayiphumuli ebusuku. Nalokhu kuyize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 2:23
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wathi ku-Adamu: “Ngokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kuwo umuthi engakuyala ngawo, ngathi: Ungadli kuwo; uqalekisiwe umhlaba; uyakudla kuwo ngosizi zonke izinsuku zokuhamba kwakho;


UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; oyise ezinsukwini zokuhambela kwabo.


Ngalobo busuku inkosi ayizange ilale ubuthongo, yayala ukuba kulethwe incwadi yemilando; zafundwa phambi kwenkosi.


Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele usizi.


Nokho umuntu uzalelwa ebunzimeni, njengoba izinhlansi zinyukela phezulu.


Kuyize ukuthi nivuke ekuseni, nilale ebusuku, nidle isinkwa sosizi; ngoba ulalisa othandiweyo wakhe.


Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami; umswakama wami waphenduka ukoma kwasehlobo. Sela.


Sithokozise ngokwezinsuku owasicindezela ngazo nangeminyaka esabona ngayo ububi.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo.


Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukudabuka okuningi, nowandisa ukwazi wandisa usizi.


Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele;


Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuncane noma okuningi; kodwa inala yesicebi ayisoze imenze alale.


Futhi zonke izinsuku zakhe udla ebumnyameni, futhi unosizi kanye nentukuthelo enkulu ngenxa yokugula kwakhe.


Lapho ngibeka inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni; (ngoba kukhona futhi imini nobusuku abuboni ubuthongo ngamehlo akhe).


Inkosi yayisingena endlini yayo, yachitha ubusuku izila ukudla; alethwanga izinsimbi zomculo phambi kwakhe, ubuthongo bakhe bamuka kuye.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ