Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 2:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yebo, ngawuzonda wonke umshikashika wami engawenza phansi kwelanga, ngokuba bengiyakuwushiyela kumuntu oyakuba emva kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngawuzonda wonke umshikashika wami engawushikashika phansi komthunzi welanga, lapho ngibona ukuthi ngizowushiyela ozoza emuva kwami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 2:18
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kubantu abayisandla sakho, Jehova, kubantu bomhlaba abanesabelo sabo kulokhu kuphila, nesisu sabo usigcwalisa ngengcebo yakho efihliweyo; bagcwele abantwana bashiyela abancane babo okusalayo.


Ngempela, wonke umuntu uhamba ngomlayezo oyize; impela bahlukunyezwa ngeze; ubutha ingcebo, akazi ukuthi ngubani oyibuthelayo.


Ngoba uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, kanjalo isiphukuphuku nodelela bayabhubha, bashiyele abanye ingcebo yabo.


Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo.


Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na?


Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele;


Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe usekuhlakanipheni, nangokwazi, nangobuqotho; kodwa kumuntu ongazange asebenze kukho, kumelwe akushiye njengesabelo sakhe. Nalokhu kuyize nobubi obukhulu.


Ngoba uNkulunkulu unika umuntu omuhle emehlweni akhe ukuhlakanipha lolwazi lentokozo, kodwa isoni unika ukuhlupheka ukukuqongelela, ukuze amnike okuhle phambi kukaNkulunkulu. Kuyize nokuhlushwa komoya.


Ngakho ngiyabona ukuthi akukho okuhle kunokuba umuntu ajabule ngemisebenzi yakhe; ngoba lokhu kuyisabelo sakhe; ngoba ngubani ozamletha ukuze abone okuzakuba emva kwakhe?


Yebo, ungcono kunabo bobabili abangakabi khona, abangabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.


Bheka, engakubonayo: kuhle, kumnandi kumuntu ukuba adle, aphuze, athokozele okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuhamba kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngoba kuyisabelo sakhe.


Hlala ngokuthokoza nowesifazane omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize akunike zona phansi kwelanga, zonke izinsuku zakho eziyize; ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokhu kuphila nasemshikashikeni wakho owenzayo phansi kwelanga.


Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe;


Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ