Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 11:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Jabula, nsizwa, ebusheni bakho; inhliziyo yakho mayikuthokozise emihleni yobusha bakho, uhambe ezindleleni zenhliziyo yakho nangokubona kwamehlo akho; kepha yazi ukuthi uNkulunkulu uyakukuyisa ekulungeni ngazo zonke lezi zinto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 11:9
41 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.


Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle; bazithathela abafazi kubo bonke ababakhethayo.


Futhi lapho nje ngisuka kuwe, uMoya kaJehova uzokuyisa lapho engingazi khona; uma ngifika ngitshele u-Ahabi, angakufumani, uyakungibulala; kepha mina, inceku yakho, ngiyamesaba uJehova kwasebusheni bami.


Kwasekusithi emini uElija wadlala ngabo, wathi: Memezani kakhulu, ngoba ungunkulunkulu; kuphakathi kokuthi uyakhuluma, noma uyajaha, noma uyahamba, noma mhlawumbe ulele futhi udinga ukuvuka.


Wayesefika enkosini. Inkosi yathi kuye: “Mika, siye eRamoti kwaGileyadi ukulwa, noma siyishiye yodwa na? Wathi kuye: “Hamba ube nempumelelo, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Uma izinyathelo zami zachezuka endleleni, nenhliziyo yami ilandela amehlo ami, noma ibala linamathele ezandleni zami;


Ngakho ngabanikela enkanukweni yenhliziyo yabo, bahamba ngamacebo abo.


Cabanga ngoMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingasondeli iminyaka, uma uthi: Angithokozi ngayo;


Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, kungakhathaliseki ukuthi kuhle noma kubi.


Noma yini amehlo ami ayeyifisa, angiyithandanga, angiyigodlanga inhliziyo yami kunoma iyiphi intokozo; ngokuba inhliziyo yami yayithokoza ngawo wonke umshikashika wami, lokhu kwaba yisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.


Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo, kodwa ukuthi umuntu uyajabula futhi enze okuhle ekuphileni kwakhe.


Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela olungileyo nomubi, ngokuba kukhona isikhathi sawo wonke umqondo nawo wonke umsebenzi.


Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso, futhi kuyize nokuxhamazela.


Thokozani ngosuku lwenhlanhla, kepha qaphelani ngosuku lokuhlupheka; uNkulunkulu wamisa omunye komunye, ukuze umuntu angafumani lutho emva kwakhe.


Base bethi kwabangidelelayo: ‘UJehova wathi: Niyakuba nokuthula; bathi kuwo wonke umuntu ohamba ngobulukhuni benhliziyo yakhe: “Aniyikwehlelwa bubi.”


Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba ngamacebo langemicabango yenhliziyo yabo embi, bahlehla, kabazange baqhubekele phambili.


Kuhle kumuntu ukuthwala ijoka ebusheni bakhe.


Kodwa umphefumulo owenza ngokugabadela, kungakhathaliseki ukuthi ungowokuzalwa ezweni noma ungowemzini, othuka uJehova; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Kuyakuba kini njengensephe, ukuze niyibone, nikhumbule yonke imiyalo yeNkosi, niyenze; futhi ungazifuneli eyakho inhliziyo namehlo akho owafeba ngemva kwawo.


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? bheka, ngiphumile ukulwa nawe, ngokuba indlela yakho imbi phambi kwami.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Ngizakuthi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, ulempahla enengi ebekelelwe iminyaka eminengi; khululeka, udle, uphuze, ujabule.


Owathi endulo wavumela izizwe zonke ukuthi zihambe ngezindlela zazo.


Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.


Kepha umahlulelani umfowenu na? Udelelani umfowenu na? ngoba sonke siyakuma phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Futhi lapho ezwa amazwi alesi siqalekiso, azibusise enhliziyweni yakhe futhi athi: Ngiyoba nokuthula, noma ngihamba ngenkambiso yenhliziyo yami, ukuze ngengeze ukudakwa ekomeni.


Njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa;


Lapho ngabona empangweni ingubo enhle yaseBhabhiloni namashekeli angamakhulu amabili esiliva nesiphetho segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi amahlanu, ngakufisa, ngathatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.


Kepha izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo ngalo lona leli zwi, kugcinelwe usuku lokwahlulelwa nokubhubha kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ