Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 9:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 U-Aroni waphakamisela isandla sakhe kubantu wababusisa, wehla emnikelweni wesono nomnikelo wokushiswa nomnikelo wokubonga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe phezu kwabantu, wababusisa; wayesehla lapho ayekade enikela khona ngomnikelo wesono, nangomnikelo wokushiswa, nangeminikelo yokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 9:22
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wasukuma, wabusisa lonke ibandla lika-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:


Amadodana ka-Amramu; o-Aroni, noMose, no-Aroni bahlukaniselwa ukungcwelisa izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe kuze kube phakade, bashunqise umusi phambi kukaJehova, bamkhonze, babusise egameni lakhe kuze kube phakade.


Inkosi yasiphendulela ubuso bayo, yabusisa lonke ibandla lika-Israyeli, inhlangano yonke yakwa-Israyeli yasukuma.


Igama lakhe liyakuma kuze kube phakade; igama lakhe liyohlala kuze kube nini nanini ilanga, futhi abantu bayobusiswa kuye; izizwe zonke ziyakuthi ubusisiwe.


UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.


Wabagona, wabeka izandla phezu kwabo, wababusisa.


Wabahola, baze bafika eBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.


UNkulunkulu eseyivusile iNdodana yakhe uJesu, wayithuma kini kuqala, ukuze anibusise ngokuniphendula yilowo nalowo ebubini bakhe.


Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen. (Incwadi yesibili eya kwabaseKorinte yabhalwa uThithu noLucas eFilipi, umuzi waseMakedoniya.)


Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova simkhonze, sibusise egameni lakhe kuze kube namuhla.


Abapristi, amadodana kaLevi, kumelwe basondele; ngokuba bamkhethile uJehova uNkulunkulu wenu ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; futhi ngezwi labo kuyovivinywa konke ukuxabana nakho konke ukuhlasela.


ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ