Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngokuba isifuba esisuswayo nomlenze ngakususa kubantwana bakwa-Israyeli emihlatshelweni yokubonga ngakunika u-Aroni umpristi nakumadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kubantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ngokuba isifuba sokuzuliswa nomlenze wokuphakanyiswa ngikuthabathe kwabakwa-Israyeli emihlatshelweni yeminikelo yabo yokuthula, ngakunika u-Aroni umpristi namadodana akhe, kube yisimiso esiphakade kwabakwa-Israyeli.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Isifuba sokuzungeziswa nomlenze ongumnikelo engikuthathe emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabakwa-Israyeli, ngikunike u-Aroni umphristi namadodana akhe kube yisabelo sabo esimisiweyo esiphakade esivela kubantu bakwa-Israyeli.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:34
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kumelwe uthathe isifuba senqama yokwahlukaniselwa ka-Aroni, usihambise njengomnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; futhi kufanele kube yingxenye yakho.


Ubabophe amabhande, u-Aroni namadodana akhe, ufake izigqoko zabo; futhi ubupristi buyoba obo njengesimiso saphakade; uyakubangcwelisa u-Aroni namadodana akhe.


Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala, ukuthi ningadli amanoni nagazi.


Lowo phakathi kwamadodana ka-Aroni oletha igazi leminikelo yokuthula namanoni uyakuba nomlenze wokunene ube yisabelo sakhe.


Yonke iminikelo yezipho ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abayiletha kumpristi iyakuba ngeyakhe.


Umpristi kumelwe akunyakazise njengomnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; kungcwele kumpristi, kanye nesifuba esinyakaziswayo nomlenze wokushenxiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.


U-Aroni kumelwe alethe amaLevi phambi kukaJehova abe ngumhlatshelo wabantwana bakwa-Israyeli, ukuze bafeze inkonzo kaJehova.


Kuyakuba yicala labapristi kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu; banike umpristi umkhono, nezihlathi zombili, nesihlathi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ