Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 5:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uma umuntu efunga, ekhuluma ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma ukwenza okuhle, noma yini umuntu ayikhuluma ngesifungo, kufihliwe kuye; uma azi ngakho, uyakuba necala kokunye kwalokhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle, noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo, kumsithele, lapho esekwazi woba necala kokunye kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “ ‘Uma umuntu efunga egomela ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma okuhle, kumbe akhulume budlabha afunge, engakucabangisisile, lapho esazi uyoba necala lokunye kwalokho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 5:4
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kodwa inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani indodana kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.


Wathi: “UNkulunkulu makenze lokhu, enezele, lapho ikhanda lika-Elisha, indodana kaShafati, limi phezu kwakhe namuhla.”


Ngoba bawuthukuthelisa umoya wakhe, waze wakhuluma ngobuwula ngezindebe zakhe.


Umpristi kumelwe amenzele isihlawulelo ngokuphathelene nesono sakhe one ngaso kwesinye salezi, futhi uyothethelelwa; futhi okuseleyo kumelwe kube ngeyompristi njengomnikelo wokusanhlamvu.


Noma ethinta ukungcola komuntu, noma yikuphi ukungcola umuntu angcoliswe ngakho futhi kusithekile kuye; uma azi ngakho, uyakuba necala.


Uma enendoda, lapho ebophe isithembiso, noma esho utho oluphuma emlonyeni wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe;


Kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo; khona-ke kumelwe enze isithembiso sakhe athembisa ngaso, nasikhulumile ngezindebe zakhe, abophe ngaso umphefumulo wakhe, asinakuchithwa; uJehova uyakumthethelela.


Wasethembisa ngesifungo ukuyinika loba yini engayikucela.


Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe.


Wafunga kuye wathi: “Noma yini ongayicela kimi ngiyakukunika yona, kuze kube yinxenye yombuso wami.


Kwathi sekusile, abaJuda benza icebo, bazibopha ngesiqalekiso, bathi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.


Ayesephendula amadoda kuye, athi: “Siphila ngowakho, uma ungayikhulumi indaba yethu.” Futhi uma uJehova esinika izwe, sizokwenzela umusa neqiniso kuwe.


UJoshuwa wenza ukuthula nabo, wenza isivumelwano nabo ukubayeka baphile; nezinduna zebandla zafunga kubo.


Khona-ke konke okuphuma eminyango yendlu yami kuyakungihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula ngivela kubantwana bakwa-Amoni, kungokukaJehova ngempela, futhi ngizokunikela njengomnikelo wokushiswa.


Kodwa kasiyikubanika abafazi bamadodakazi ethu, ngoba abantwana bakoIsrayeli bafunga besithi: Uqalekisiwe onika uBhenjamini umfazi.


Siyakwenza kanjani ngabafazi kwabaseleyo, thina safunga uJehova ukuthi asiyikuwanika amadodakazi ethu abe ngomkakho?


Uma nenzile namuhla ngoJerubali nendlu yakhe ngeqiniso nangobuqotho, thokozani ngo-Abimeleki, naye ajabule ngani.


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.


UNkulunkulu uyakwenza lokhu futhi enezele ezitheni zikaDavide, uma ngithungela odongeni konke okwakhe ekuseni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ