Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, phambi kwesihenqo sendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Umphristi uyogcobhoza umunwe wakhe egazini, achinse ingxenye yalo kasikhombisa phambi kukaSimakade phambi kwesihenqo sendlu engcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:6
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wawungenisa umphongolo etabernakele, waxhoma isilenge, wasibekela umphongolo wobufakazi; njengalokho uJehova emyalile uMose.


Walibeka i-altare legolide etendeni lokuhlangana ngaphambi kwesihenqo.


Umpristi kumelwe agcobhoze umunwe wakhe wesokunene emafutheni asesandleni sakhe sobunxele, amanye afafaze amanye amafutha ngomunwe wakhe kasikhombisa phambi kukaJehova.


Amafutha asele asesandleni sompristi kumelwe awathele ekhanda lalowo ozihlanzayo; umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.


Umpristi kumelwe afafaze ngomunwe wakhe wesokunene amafutha asesandleni sakhe sobunxele kasikhombisa phambi kukaJehova.


Kumelwe afafaze phezu kwakhe lokho okufanele ahlanzwe ochokweni kasikhombisa, athi uhlanzekile, ayikhulule inyoni ephilayo iye endle.


Kumelwe athathe igazi lenkunzi alifafaze ngomunwe esihlalweni somusa esingasempumalanga; futhi phambi kwesihlalo somusa kumelwe afafaze elinye igazi ngomunwe wakhe kasikhombisa.


Kumelwe afafaze elinye legazi ngomunwe wakhe phezu kwalo kasikhombisa futhi alihlanze futhi alingcwelise ekungcoleni kwabantwana bakwa-Israyeli.


Kumelwe uzibalele amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa ephindwe kasikhombisa; isikhathi seminyaka eyisikhombisa yamasabatha siyakuba yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye kini.


Uma namanje ningangilaleli, ngiyakunijezisa kasikhombisa ngezono zenu.


Khona-ke ngiyohamba ngokumelene nani futhi nginijezise kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Khona nami ngiyakuhamba ngithukuthelele; mina, yebo, mina, ngiyakunishaya kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Umpristi kumelwe agcobhoze umunwe wakhe kwelinye legazi alifafaze kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo.


Umpristi kumelwe athathe igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa futhi igazi lalo alithulule ngezansi e-altare lomnikelo wokushiswa.


Umpristi kumelwe athathe igazi lawo ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa futhi lonke igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare.


Umpristi kumelwe athathe igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, lonke igazi lalo alithulule ngasesinqeni se-altare.


Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare nezinto zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo, ukulingcwelisa.


Wayihlaba; uMose walithatha igazi, walifafaza ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakhe nxazonke, walihlambulula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba enze ukubuyisana ngalo.


Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye, wagcobhoza umunwe wakhe egazini, walifafaza ezimpondweni ze-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare.


Umpristi u-Eleyazare kumelwe athathe igazi lakhe ngomunwe wakhe, afafaze elinye legazi lakhe kasikhombisa phambi kwetende lokuhlangana.


Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala izimpondo zezinqama eziyisikhombisa phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi bashaye amacilongo.


Kwathi uJoshuwa ekhuluma ebantwini, abapristi abayisikhombisa abathwele izimpondo zezinqama eziyisikhombisa bahamba phambi kukaJehova, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ