Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 4:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 4:2
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? futhi ngone ngani ukuba ulethe isono esikhulu phezu kwami naphezu kombuso wami na? Ungenzele izinto okungafanele zenziwe.


Ubani ongaqonda amaphutha akhe? Ngihlanze emaphutheni afihliweyo.


Futhi gcina inceku yakho ezonweni zokugabadela; mazingabuse phezu kwami; khona-ke ngizoba qotho futhi ngingabi nacala ecaleni elikhulu.


Ungavumeli umlomo wakho ukuthi wonise inyama yakho; futhi ungasho phambi kwengelosi ukuthi bekuyiphutha. Kungani uNkulunkulu ethukuthelela izwi lakho futhi achithe umsebenzi wezandla zakho na?


Uma umuntu edla endlini engcwele engazi, kumelwe anezele ingxenye yesihlanu yayo ayinike umpristi kanye nendlu engcwele.


Uma inhlangano yonke yakwa-Israyeli yona ngokungazi, le ndaba isithekile emehlweni enhlangano, benze utho okuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, benecala;


Uma isikhulu sona, senza ngokungazi ngokuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova uNkulunkulu waso ngokungafanele ukwenziwa, sibe necala;


Uma omunye wabantu bezizwe ona ngokungazi, enze utho oluphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, abe necala;


Niyakumisela imizi eyakuba yimizi ekhululekile kini; ukuze umbulali abalekele khona, obulale umuntu engazi.


Nansi indaba yombulali obalekela khona ukuba aphile: obulala umakhelwane wakhe engazi, ebengamzondi ngaphambili;


Ngake ngaba ngumhlambazi, nomzingeli, nomhlukumezi, kodwa ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi ngokungakholwa.


Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka.


Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.


Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo.


Kepha uJonathani akalalelanga lapho uyise eyala abantu; ngakho welula isihloko sodondolo olusesandleni sakhe, walucwilisa ekhekhebeni lezinyosi, wasibeka isandla sakhe emlonyeni wakhe; lamehlo akhe akhanya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ