Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 16:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kumelwe kube yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngomnyaka ngenxa yazo zonke izono zabo. Wenza njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantu bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngonyaka ngenxa yezono zabo zonke. UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 16:34
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi, u-Aroni namadodana akhe bayakuyala lokhu phambi kukaJehova kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni: kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo kubantwana bakwa-Israyeli.


U-Aroni kumelwe enze isihlawulelo sezimpondo zakhe kanye ngonyaka ngegazi lomnikelo wesono wesihlawulelo; kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; kungcwelengcwele kuJehova.


UMose wawubheka wonke umsebenzi, bheka, bawenza njengokuyala kukaJehova, bawenza; uMose wababusisa.


UJehova wayesethi kuMose: “Yisho u-Aroni umfowenu ukuthi angangeni njalo endlini engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo; funa afe, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.


Ngalolo suku ningasebenzi msebenzi, ngokuba kulusuku lokubuyisana ukunenzela ukubuyisana phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu.


Aniyikwenza msebenzi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala.


UMose wayesekhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe isiqalekiso ngaphandle kwekamu, bamkhanda ngamatshe. Abantwana bakwa-Israyeli benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala, ukuthi ningadli amanoni nagazi.


Ngosuku lweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kuyakuba khona umhlangano ongcwele kini; futhi niyothobisa imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi ngayo.


Ngokuba ngomnikelo munye ubenze baphelela kuze kube phakade abangcwelisiweyo.


Kodwa kuleyomihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka.


Kungesikho ukuthi azinikele kaningi, njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka negazi lenye;


Kodwa kweyesibili umpristi omkhulu yedwa kungena kanye ngomnyaka, kungeyisikho ngaphandle kwegazi, azinikela ngenxa yakhe langenxa yeziphambeko zabantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ