Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 8:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJoshuwa nabo bonke abantu bempi bazilungiselela ukukhuphukela e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu, wawamukisa ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 UJoshuwa nawo wonke amabutho bagasela e-Ayi. UJoshuwa wakhetha amabutho ayizi-30 000 wawathumela ebusuku,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 8:3
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wayesethi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngiyakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.


futhi kabanakanga kwaze kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke; kuyakuba njalo nokufika kweNdodana yomuntu.


Inkosi yaleyonceku izafika ngosuku engayibheki ngayo, langehola engasiloyo.


Kepha phakathi kobusuku kwamenyezwa ukuthi: ‘Nangu umyeni; phumani niyomhlangabeza.


Ngokuba nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


UJoshuwa wakhuphuka eGiligali, yena nawo onke amadoda empi kanye naye nawo onke amaqhawe anamandla.


Uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; kuphela impango yalo nezinkomo zalo niyakuzithathela lona; ziqamekele umuzi emva kwawo.


Wabayala wathi: “Bhekani, nilele niqapha umuzi, yebo, emva komuzi; ningahambi kude kakhulu nomuzi, kepha wonke umuntu makalungele.


Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.


Vuka-ke ebusuku, wena nabantu abakanye nawe, ulale, ulinde endle;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ