Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 7:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJoshuwa wayesethuma amadoda asuka eJeriko aya e-Ayi eseduze neBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Akhuphuka amadoda, abheka i-Ayi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 7:2
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.


Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.


Futhi abantwana bakwaBenjamini eGeba bahlala eMigimashi, nase-Aya, naseBethele nasemizini yayo.


Yonke inhloso inqunywa ngokululekana, nempi yenziwa ngeseluleko esihle.


Ngokuba ngeziluleko ezihlakaniphileyo uyakulwa impi yakho, futhi ngobuningi babeluleki kukhona ukuphepha.


Wafika e-Ayati, wawelela eMigroni; eMigimasi wabeka phansi izinqola zakhe.


Khala, Heshiboni, ngokuba i-Ayi ichithiwe; khalani, madodakazi aseRaba, bhinceni izingubo zokulila; dabukani, nigijimele ezintangweni; ngoba inkosi yabo iyoya ekudingisweni, nabapristi bayo nezikhulu zayo kanyekanye.


Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


Ngakho bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengeziwula kodwa njengabahlakaniphileyo;


inkosi yaseJeriko, eyodwa; inkosi yase-Ayi eseduze neBethele, inye;


Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho wawusuka eJordani; umkhawulo wenyuka ohlangothini lweJeriko ngasenyakatho, wenyuka ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakusehlane laseBeti Aveni.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma amadoda amabili eShithimi ukuba abe yizinhloli ngasese, wathi: “Hambani nibone izwe laseJeriko.” Base behamba, bafika endlini yesifebe, uRahabi, balala khona.


Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Mabangakhuphuki bonke abantu; kodwa makukhuphuke amadoda angaba yizinkulungwane ezimbili noma ezintathu, alichithe i-Ayi; mabangasebenzi khona bonke abantu; ngoba bayingcosana.


AmaFilisti abuthana ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha namadoda angangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa inkamba eMigimasi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Ngakho uJehova wakhulula u-Israyeli ngalolo suku, futhi impi yaqhubeka kwaze kwaba seBeti Aveni.


nakulabo ababeseBethele, nakulabo ababeseningizimu yeRamoti, nakulabo ababeseJatiri,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ