Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 6:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha lonke isiliva negolide nezitsha zethusi nezensimbi kungcweliselwe uJehova; kufanele ingene endlini yengcebo kaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Kepha lonke isiliva, igolide, izitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuSimakade, kuyakuyiswa endlini yengcebo kaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 6:19
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nayo inkosi uDavide yakungcwelisela uJehova, kanye nesiliva negolide yakungcwelisa ezizweni zonke eyazehlisayo;


Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi; wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide uSolomoni ayezenzile.


Waphela kanjalo wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyayiwenzele indlu kaJehova. USolomoni wangenisa izipho uDavide uyise abezingcwelisile; nesiliva negolide nezitsha wakubeka phansi kwengcebo yendlu kaJehova.


Wakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova, nengcebo yendlu yenkosi, nazo zonke izitsha zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezenzile ethempelini likaJehova, wazihlahlela zaba yizicucu kusho uJehova.


Inkosi uDavide nayo yangcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide eyalikhipha kuzo zonke lezi zizwe; kwa-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki.


KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.


UShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele, inkosi uDavide, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi ezazingcwelisile.


Empangweni enqotshiweyo ezimpini, banikela ngokulungiswa kwendlu kaJehova.


Konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, no-Abineri indodana kaNeri, noJowabe, indodana kaSeruya, abakungcwelisayo; futhi wonke umuntu owayengcwelisa okuthile kwakungaphansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.


nesibonelo sakho konke ayenakho ngomoya, samagceke endlu kaJehova, nesawo wonke amakamelo nxazonke, nengcebo yendlu kaNkulunkulu, neyengcebo yezipho ezingcwele;


Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto uyise azingcwelisileyo nawayezingcwelisile, isiliva negolide nezitsha.


Wangenisa iminikelo ngokwethembeka, nokweshumi, nezipho ezingcwele; uKonaniya umLevi wayengumbusi, noShimeyi umfowabo owesibili.


Umpristi, indodana ka-Aroni, kumelwe abe kanye namaLevi lapho amaLevi ethatha okweshumi;


Khona-ke u-Ebhedi-Melegi wathatha amadoda kanye naye, wangena endlini yenkosi ngaphansi komphongolo wengcebo, wathatha khona izindwangu ezigugile namanikiniki amadala wazehlisela emgodini kuJeremiya ngezindophi.


Kodwa ngomnyaka wesine zonke izithelo zawo zizakuba ngcwele ukuze zidumise uJehova.


Vuka wome, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi nezinzipho zakho zibe yithusi; uyakuchoboza izizwe eziningi; ngiyakungcwelisa inzuzo yabo kuJehova nempahla yabo kuJehova womhlaba wonke.


Athatha yonke impango nayo yonke impango yabantu neyezilwane.


Baletha abathunjwa, nempango, nempango kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nasenhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.


kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini, nomthofu,


Abapristi abakhulu basebethatha izinhlamvu zesiliva, bathi: Kakuvunyelwa ukuthi zifakwe emnikelweni, ngoba ziyintengo yegazi.


UJesu wayesehlezi maqondana nesitsha somnikelo, wabona ukuthi isixuku siphonsa kanjani imali esitsheni somnikelo;


U-Israyeli wona, nabo basephula isivumelwano sami engabayala ngaso; ngoba baze bathatha ezinye zezimpahla zasebhange futhi bantshontsha futhi futhi bathuthumela, bazibeka phakathi kwezimpahla zabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ