Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 20:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Babeka iKedeshi eGalile entabeni yakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyatarba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Behlukanisa iKadeshi eGalile ezintabeni kwaNafethali, iShekhemi ezintabeni kwa-Efrayimi, iKiriyathi Arbha eliyiHebhroni ezintabeni kwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 20:7
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela.


Futhi lapho uJerobowamu eya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wafika eShekemi ukumbeka inkosi.


Esizweni sakwaNafetali; iKedeshi yaseGalile nedlelo layo, neHamoni nedlelo layo, neKiriyatayimi nedlelo layo.


URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wafika eShekemi ukumbeka inkosi.


Futhi phakathi kwemizi eniyoyinika amaLevi, kumelwe kube nemizi eyisithupha yesiphephelo, eniyoyimisela umuntu obulele, ukuze abalekele khona; naphezu kwalokho niyakwenezela imizi engamashumi amane nambili.


Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha ezintabeni, emzini wakwaJuda;


Uma nigcina yonke le miyalo ukwenza lokhu engikuyala ngakho namuhla, ukuthanda uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ezindleleni zakhe njalo; khona-ke kumelwe wengezele eminye imizi emithathu ngaphandle kwale mithathu.


UMose wanquma imizi emithathu ngaphesheya kweJordani ekuphumeni kwelanga;


inkosi yaseKedeshi, eyodwa; inkosi yaseJokineyamu yaseKarmeli, eyodwa;


Igama leHebroni laliyiKiriyati-Arba kuqala; u-Arba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula empini.


UKalebi indodana kaJefune wanika uJoshuwa isabelo phakathi kwabantwana bakoJuda, njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Arba, uyise kaEnaki, eyiHebroni.


Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSere, neHamati, neRakati, neKinereti,


Ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBezeri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolani eBashani esizweni sakwaManase.


Babanika umuzi ka-Arba, uyise ka-Enaki, eyiHebroni ezintabeni zakwaJuda, namadlelo ayo nxazonke zayo.


Babanika abantwana bakwa-Aroni umpristi iHebroni nedlelo layo, libe ngumuzi okhululekile wokuhlatshwa; neLibina nedlelo layo,


Babanika iShekemi nedlelo lalo ezintabeni zakwa-Efrayimi, libe ngumuzi okhululekile wokuhlatshwa; neGezeri nedlelo layo,


Esizweni sakwaNafetali, iKedeshi yaseGalile nedlelo layo, umuzi okhululekile wokuhlatshwa; neHamoti-dori nedlelo layo, neKartani nedlelo layo; imizi emithathu.


UJoshuwa wabutha zonke izizwe zakwa-Israyeli eShekemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, nezinhloko zabo, nabahluleli bakhe, nezinduna zabo; bazimisa phambi kukaNkulunkulu.


U-Abimeleki indodana kaJerubali waya eShekemi kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nakuwo wonke umndeni wendlu kayise, wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ