Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 13:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Isizwe sakwaLevi sodwa akasinikanga lifa; iminikelo yomlilo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iyifa labo njengokusho kwakhe kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Yisizwana sakwaLevi kuphela uMose angasabelanga ifa, ngoba iminikelo yomlilo eya kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli yiyo eyifa labo njengoba asho kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 13:14
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kumelwe kube yifa labo: Mina ngiyifa labo; aniyikubanika mpahla kwa-Israyeli; Mina ngiyimpahla yabo.


Kumelwe badle umnikelo womlilo nomnikelo wesono nomnikelo wecala; futhi konke okungcwelisiwe kwa-Israyeli kuyakuba ngokwakho.


Ngakho uLevi akanasabelo nafa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho emthembisile.


Kumelwe ujabule phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena namadodana akho namadodakazi akho nezinceku zakho nezincekukazi zakho nomLevi osemasangweni akho; ngoba akanasabelo nafa kanye nawe.


Ziqaphele ukuthi ungamshiyi umLevi zonke izinsuku zakho emhlabeni.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMagati, kepha amaGeshuri namaMagati ahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.


UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ifa ngokwezizukulwane zabo.


Kodwa isizwe sakwaLevi uMozisi akasinikanga ilifa; uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wayeyifa labo njengokusho kwakhe kubo.


Kodwa amaLevi kawanasabelo phakathi kwenu; ngokuba ubupristi bukaJehova buyifa labo; uGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase base bemukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, uMose inceku kaJehova abanika lona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ