Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 11:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 namaKhanani ngasempumalanga nasentshonalanga, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi phansi kweHermoni, ezweni laseMispa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 nakumaKhanani empumalanga, nasentshonalanga, nakuma-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi kwelezintaba, nakumaHivi phansi kweHermoni eMizpha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 11:3
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

neMispa; ngoba wathi: INkosi iyalinda phakathi kwami lawe, nxa singekho omunye.


Kwathi ingelosi yelulela isandla sayo eJerusalema ukuyichitha, uJehova wazisola ngobubi, wathi engelosini eyayibhubhisa abantu: “Kwanele, bamba isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.


Bafika enqabeni yaseTire nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani, baphumela eningizimu yakwaJuda naseBeri Sheba.


Inkosi u-Asa yayisikhala kwaJuda wonke; basusa amatshe eRama nezingodo zayo uBahesha akha ngakho; inkosi u-Asa yakha ngazo iGeba lakwaBenjamini neMispa.


Bonke abantu ababesele kuma-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ababengebona abantwana bakwa-Israyeli,


Njengamazolo aseHermoni nanjengamazolo ehlela ezintabeni zaseSiyoni, ngokuba lapho uJehova wayala khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade.


Nguwena owadala inyakatho neningizimu: iThabori neHermoni ayakujabula egameni lakho.


Woza nami eLebanoni, makoti wami, sisuke eLebanoni, ubuke usesiqongweni sase-Amana, esiqongweni saseSeniri naseHermoni, nasemigodini yezingonyama, nasezintabeni zezingwe.


Mina-ke, bheka, ngiyohlala eMispa ukuze ngikhonze amaKaledi azakuza kithi; kodwa wena buthani iwayini nezithelo zasehlobo namafutha, nikubeke ezitsheni zenu, nihlale emizini yenu eniyithathileyo.


UJeremiya waya kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa; wahamba wayohlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


Khona-ke wonke amadoda ayethumbe u-Ishmayeli eMispa aphenduka abuyela kuJohanani indodana kaKhareya.


U-Ishmayeli wabulala bonke abaJuda ababenaye, kanye noGedaliya eMispa, namaKaledi afunyanwa khona, namadoda empi.


Ama-Amaleki ahlala ezweni laseningizimu, amaHeti, namaJebusi, nama-Amori ahlala ezintabeni, namaKhanani ahlala ngaselwandle ngasogwini lweJordani.


kusukela e-Aroweri ephezu komfula i-Arinoni, kuze kufike entabeni yaseSiyoni eyiHermoni,


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekungenise ezweni oya kulo ukulidla, esexoshile izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa. Mkhulu futhi unamandla kunawe;


kusukela entabeni yaseHalaki ekhuphukela eSeyiri, kuze kufike eBali Gadi esigodini saseLebanoni phansi kwentaba iHermoni; wathatha wonke amakhosi abo, wawanqoba, wawabulala.


UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, wabanqoba, wabaxosha kwaze kwaba seSidoni elikhulu, naseMisirefotimayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga; futhi babahlula kwaze kwasala noyedwa.


nelakwaGileyadi, nomkhawulo wamaGeshuri, namaMahagati, nayo yonke intaba yaseHermoni, neBashani yonke, kwaze kwaba seSaleka;


nezwe lamaGibhili, nalo lonke iLebanoni ngasempumalanga, kusukela eBali-gadi phansi kwentaba yaseHermoni kuze kube sekuyeni eHamati.


Kepha amaJebusi akhileyo eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha; kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


UJoshuwa wasesithi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, lokuthi uzaxotsha amaKhanani, lamaHethi, lamaHivi, lamaPerizi, lamaGirigashi, lamaAmori phambi kwenu, kanye lamaJebusi.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


Base bethi abantwana bakwa-Israyeli: “Ngubani phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli ongakhuphukelanga eNkosini kanye nenhlangano na?” Ngokuba benza isifungo esikhulu ngaye ongakhuphukelanga kuJehova eMispa, wathi: “Umelwe ukubulawa nokubulawa.”


Basebesithi: Ngubani ezizweni zakoIsrayeli ongakhuphukelanga eNkosini eMispa? bheka, kwakungekho muntu ekamu laseJabeshi kwaGileyadi emva kokuhlangana.


Lezi ziyizikhulu zamaFilisti eziyisihlanu, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi, ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali-Hermoni kuze kube sekungeneni kweHamati.


Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


USamuweli wabizela ndawonye abantu kuJehova eMispa;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ