Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 11:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli bazithathela yona njengempango; kodwa bababulala bonke ngosiko lwenkemba baze babaqeda, abavumelanga muntu ukuphefumula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 11:14
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuzothatha impango kubo, bathola phakathi kwabo ingcebo eningi kanye nezidumbu nezinto eziyigugu abazithathela zona, babengenakumuka nabo; baba yizinsuku ezintathu bebutha impango, yayiningi kakhulu.


Abantwana bakwa-Israyeli bathumba bonke abesifazane bakwaMidiyani nabantwana babo, bathumba zonke izinkomo zabo, nayo yonke imihlambi yabo, nayo yonke impahla yabo.


Kodwa abesifazane nabantwana abancane nemfuyo nakho konke okusemzini, yonke impango yawo, kumelwe uzithathele wena; uyakudla impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.


Kodwa emizini yalababantu uJehova uNkulunkulu wakho azakunika yona ibe yilifa, ungaphili lutho oluphefumulayo.


UJoshuwa walichitha lonke izwe lezintaba, nelaseningizimu, nelasesigodini, nelemithombo, nawo onke amakhosi alo;


Babulala bonke abantu ababekulo ngobukhali benkemba, bababulala ngesiqalekiso; kwakungekho ophefumulayo; washisa iHasori ngomlilo.


Kepha imizi eyayisele ezinqabeni zayo u-Israyeli akayishisanga namunye kuyo, kuphela iHasori lodwa; wamshisa uJoshuwa.


Njengalokho uJehova emyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa, wenze njalo uJoshuwa; akenzanga lutho uJehova ayemyale ngalo uMose.


Uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; kuphela impango yalo nezinkomo zalo niyakuzithathela lona; ziqamekele umuzi emva kwawo.


Izinkomo kuphela nempango yalowo muzi u-Israyeli wazithathela yona, njengezwi likaJehova ayala ngalo uJoshuwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ