Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJona 3:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku, wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, beselichithwa iNineve.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJona waqala ukungena emzini, uhambo losuku lwaba lunye, wamemeza wathi: “Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UJona waqala uhambo losuku lonke, enqamula emzini, eshumayela, ethi: “Sekusele izinsuku ezingama-40 nje ukuthi iNineve libhujiswe!”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJona 3:4
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze wafa. Umprofethi u-Isaya, indodana ka-Amose, wafika kuye, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: “Lungisa indlu yakho; ngoba uyakufa, ungaphili.


Ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu; ngiyakukusindisa wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya; futhi ngizowukhosela lo muzi ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.


Ngalokho uJehova uyakulinda ukuba abe nesihe kini, ngalokho uyakuphakanyiswa, abe nomusa kini; ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela; babusisiwe bonke abamlindileyo.


Uma nisathanda ukuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha, nginganidilizi, nginitshale, nginganisiphula; ngoba ngiyazisola ngobubi engibenzile kini.


UNkulunkulu wabona izenzo zabo, ukuthi baphenduka endleleni yabo embi; uNkulunkulu wazisola ngobubi abethi uyakubenza kubo; futhi akakwenzanga.


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.


Ngokuba njengalokho uJona waba yisibonakaliso kwabaseNineve, iyakuba njalo iNdodana yomuntu kulesi sizukulwane.


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.


Lapho umprofethi ekhuluma egameni likaJehova, le nto ingalandeli futhi ingenzeki, yizwi uJehova angalikhulumanga, kodwa umprofethi walikhuluma ngokugabadela; ungamesabi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ