Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 38:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Amasango okufa uwavulelwe na? Uke wayibona iminyango yethunzi lokufa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Sewake wawakhonjiswa yini amasango okufa, wabona amasango ethunzi lokufa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 38:17
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaphambi kokuba ngihambe, lapho engingayikubuyela khona, ngisho ezweni lobumnyama nethunzi lokufa;


Kuphakeme njengesibhakabhaka; yini ongayenza ujule kunesihogo; yini ongakwazi.


Uyambula izinto ezijulileyo ebumnyameni, akhiphe ithunzi lokufa.


Indawo yabafileyo inqunu phambi kwakhe, nokubhujiswa akunasimbozo.


Ubumnyama nethunzi lokufa makulingcolise; ifu malihlale phezu kwalo; ubumnyama bemini mabulwesabise.


Abukho ubumnyama nethunzi lokufa lapho abenzi bobubi bengacasha khona.


Abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, beboshiwe usizi nensimbi;


Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Umphefumulo wabo wenyanya inyama yonke; basebesondela emasangweni okufa.


Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezinhlungu zaseHayidese zangibamba; Ngathola ukucindezeleka nokudabuka.


Yebo, noma ngidlula esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami; Intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.


Yiba nomusa kimi, Jehova; bheka usizi lwami engihlupheka ngalo kwabangizondayo, wena ongiphakamisa emasangweni okufa.


Mfuneni owenza izinkanyezi eziyisikhombisa ne-Oriyoni, ophendula ithunzi lokufa libe ukusa, afiphaze imini nobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele emhlabeni: nguJehova igama lakhe.


Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.


Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ