Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 6:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kungani kufike kimi impepho evela eSheba, nomhlanga omnandi ovela ezweni elikude? iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, neminikelo yenu yokushiswa ayimnandi Kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 6:20
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.


Yanika inkosi amathalenta egolide ayikhulu namashumi amabili namakha amatshe amakhulu kakhulu; akuphindanga kufike amakha amaningi njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa yinkosikazi yaseSheba.


Umhlatshelo nomnikelo wokudla awuwuthandanga; uzivulile izindlebe zami; umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono awuwufunanga.


Yishoni kuNkulunkulu ukuthi: “Yeka ukwesabeka kwakho emisebenzini yakho! ngobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba kuwe.


Futhi zithathele izinongo eziphambili, amashekeli angamakhulu ayisihlanu emure elicwengekileyo, nesinamoni elimnandi ingxenye yalo, amashekeli angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekhalamu elimnandi amashekeli angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu;


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma eletha ngomqondo omubi?


Buyini ubuningi bemihlatshelo yenu kimi na? usho uJehova, uthi: “Ngigcwele iminikelo yokushiswa yezinqama namanoni ezinkomo ezikhuluphalisiweyo; futhi angithokozi ngegazi lezinkunzi nelewundlu noma lezimbuzi.


Ubuningi bamakamela buyakukusibekela, amakamela akwaMidiyani nase-Efa; lonke iSheba liyofika; igolide nempepho bayoletha; futhi bayoshumayela izindumiso zikaJehova.


Ohlaba inkomo unjengobulala umuntu; onikela ngewundlu unjengonquma intamo yenja; onikela ngomnikelo wempuphu unjengonikela ngegazi lezingulube; onyusa impepho njengobusisa isithombe. Yebo, bazikhethele izindlela zabo, futhi umphefumulo wabo ujabulela izinengiso zabo.


Usho kanje uJehova kulaba bantu, uthi: “Bathanda ukuduka, abazinqandanga izinyawo zabo; ngalokho uJehova akathokozi ngabo; Manje uzokhumbula ububi babo futhi ahambele izono zabo.


Uma bezila ukudla, angiyikuzwa ukukhala kwabo; futhi uma beletha umnikelo wokushiswa nomnikelo womlilo, angiyikujabulisa kubo; kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.


Nina-ke ndlu yakwa-Israyeli, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Hambani nikhonze, kube yilowo nalowo izithombe zakhe, kuthi ngasemuva, uma ningangilaleli; kodwa ningabe nisangcolisa igama lami elingcwele ngezipho zenu nangezithombe zenu.


Abathengi baseSheba naseRama babengabathengiselani bakho;


Bahlabela inyama yemihlatshelo yami, bayidle; kepha uJehova akabemukeli; manje uyakukhumbula ukona kwabo, ahambele izono zabo; bayakubuyela eGibithe.


Abanakunikela ngewayini kuJehova, futhi abayikumthokozisa; izisulu zabo ziyoba njengesinkwa sokulila kubo; bonke abakudlayo bayakuba ngabangcolile, ngokuba isinkwa sabo asiyikungena endlini kaJehova ngenxa yomphefumulo wabo.


Ubani phakathi kwenu oyohluthulela ize iminyango? aniwubasa ngeze e-altare lami. Angithokozi ngani, usho uJehova Sebawoti, futhi angiyikwamukela noma yimuphi umhlatshelo esandleni senu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ