Ngakho wena namadodana akho nezinceku zakho kumelwe nimlimele insimu, futhi kumelwe nilethe izithelo, ukuze indodana yenkosi yenu ibe nokudla okudliwayo; kepha uMefibosheti, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami. USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.