Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:37 - Contemporary Zulu Bible 2024

37 IBhabhele liyakuba yizinqwaba, indawo yokuhlala izimpungushe, nesimangaliso, nokunyenyeza, kungahlali ohlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 IBabele liyakuba yizinqwaba, nendawo yokuhlala kwamakhanka, nencithakalo, nento encimfelwayo, kungabikho ohlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

37 IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:37
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho intukuthelo kaJehova yaba phezu kukaJuda neJerusalema, wabanikela osizini, into eyisimanga, nenhlekiso, njengokuba nibona ngamehlo enu.


Ngiyakuyenza ibe yifa lamagxolo ababayo namachibi amanzi; futhi ngokuqinisekile ngiyolishanela kanye nesilo esibhubhisayo,” kusho uJehova Sebawoti.


ukwenza izwe labo libe yihlane nomnyenyezo waphakade; wonke umuntu odlulayo uyoma ngokumangala anikine ikhanda.


Ngiyakwenza lo muzi ube yihlane nenhlekisa; wonke umuntu odlulayo uyomangala futhi aklolodelwe ngazo zonke izinhlupho zakhe.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile, ngiyakuhambela inkosi yaseBabele nalesi sizwe,” usho uJehova, “ngenxa yobubi babo nezwe lamaKaledi, ngilenze incithakalo kuze kube phakade.


IJerusalema, nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba bakwenze incithakalo, nesimangaliso, nokunyenyeza, nesiqalekiso; njengoba kunjalo namuhla;


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


Ngiyakubasukela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibanikele ukuba anyikinywe emibusweni yonke yomhlaba, abe yisiqalekiso, nesimangaliso, nenhlekiso, nesihlamba phakathi kwabo. Zonke izizwe engibaxoshele kuzo.


U-Edomi uyakuba yihlane; wonke umuntu odlulayo uyomangala futhi aklolodelwe ngazo zonke izinhlupho zakhe.


IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwezimpungushe nehlane kuze kube phakade; akuyikuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyikuhlala khona.


Izwe liyothuthumela futhi lilile, ngoba yonke inhloso kaJehova iyofezwa ngokumelene neBhabhiloni ukwenza izwe laseBhabhiloni libe yihlane elingenamuntu.


Ngiyakwenza iJerusalema libe yizinqwaba, umhume wezimpungushe; futhi ngiyoyenza imizi yakwaJuda ibe ihlane elingenamuntu.


Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi, nihambe ngamacebo abo; ukuba ngikwenze ihlane nabakhileyo kulo babe yinhlekisa; ngakho-ke kufanele uthwale ihlazo labantu bami.


Ngiyakuphonsa phezu kwakho okunengekayo, ngikwenze inhlekisa, ngikubeke njengehlombe.


Lona ngumuzi othokozayo owawuzihlalele, owawuthi enhliziyweni yawo: Yimi yimi, akakho omunye ngaphandle kwami; seliphenduke incithakalo, indawo yokulala izilwane; wonke umuntu odlula ngakuyo uyakushaya ikhwelo, azulise isandla sakhe.


Sasesimemeza ngelizwi elilamandla, sisithi: Liwile, iBhabhiloni elikhulu, njalo selibe yindawo yokuhlala amadimoni, lenqaba yabo bonke omoya abangcolileyo, lesibaya senyoni zonke ezingcolileyo lezizondekayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ