Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 51:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 “Bheka, nginakho ngawe wena ntaba eyincithakalo,” usho uJehova, “wena ochitha umhlaba wonke; ngizokwelulela isandla sami kuwe ngikugingqe emadwaleni ngikwenze intaba eshisiwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Bheka, ngimelene nawe ntaba echithayo,” usho uJehova, “wena ochitha wonke umhlaba; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikugingqe emadwaleni, ngikwenze intaba eshisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 “Bheka, ngimelene nawe ntaba ebhubhisayo,” kusho uSimakade, “wena obhubhisa umhlaba wonke; ngiyakwelula isandla sami ngikushaye, ngikugingqagingqe emadwaleni, ngikuphendule intaba eshisiweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 51:25
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bathi: “Hambani, sizakhele umuzi nombhoshongo osiqongo sawo singafika ezulwini; masizenzele igama, funa sihlakazeke emhlabeni wonke.


Noma ngihamba phakathi kokucindezeleka, uyakungiphilisa; Uyakwelulela isandla sakho phezu kolaka lwezitha zami, esokunene sakho siyangisindisa.


Phakamisani ibhanela entabeni ende, niphakamisele izwi kubo, nibaxhawule, ukuze bangene emasangweni abakhulu.


“Kuyakuthi lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile, ngiyakuhambela inkosi yaseBabele nalesi sizwe,” usho uJehova, “ngenxa yobubi babo nezwe lamaKaledi, ngilenze incithakalo kuze kube phakade.


Bhekani, ngiyakuthuma, ngithabathe zonke izizwe zasenyakatho, usho uJehova, noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngizilethe phezu kwaleli zwe, naphezu kwabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe ezizungezile, Uyobashaya ngesiqalekiso, abenze isimangaliso, inhlekisa, incithakalo kuze kube phakade.


UJehova wavula izikhali zakhe, wakhipha izikhali zolaka lwakhe; ngokuba lokhu kungumsebenzi weNkosi uJehova Sebawoti ezweni lamaKaledi.


Bheka, nginakho ngawe, wena ozidlayo, isho iNkosi uJehova Sebawoti; ngoba usuku lwakho selufikile, isikhathi sokukuhambela kwami.


Noma iBabele likhuphukela ezulwini, noma liqinisa indawo ephakeme yamandla alo, nokho abachithi balo bayakufika phezu kwalo bevela kimi,” usho uJehova.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Izindonga ezibanzi zaseBabele ziyakubhidlizwa nokubhidlizwa, amasango alo aphakeme ashiswe ngomlilo; abantu bayakukhandlekela ize, nabantu emlilweni, badinwe.


IBhabhiloni laliyindebe yegolide esandleni sikaJehova owadakisa umhlaba wonke; izizwe zaphuza iwayini lakhe; ngalokho izizwe ziyahlanya.


Inkosi yasikhuluma yathi: Leli akusilo iBhabhiloni elikhulu engilakhele indlu yombuso ngamandla ami lodumo lobukhosi bami yini?


Ungubani wena ntaba enkulu? phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa, akhiphe itshe lengcwaba lakhe ngokumemeza, amemeze, athi: “Musa, hawu!


Kodwa usuku lweNkosi luzafika njengesela ebusuku; lapho amazulu ayakudlula ngomsindo omkhulu, nezakhi ziyoncibilika ngokushisa okukhulu, nomhlaba nemisebenzi ekuwo kuyakusha.


Ingelosi yesibili yayisibetha, kwasekungathi intaba enkulu evutha umlilo yaphonswa olwandle, nengxenye yesithathu yolwandle yaba yigazi;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ