Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; abelusi bawo babadukisa, bawadukisa ezintabeni; basuka entabeni baya egqumeni, bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; abelusi babo babadukisile, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 “Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:6
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami; ngoba uJehova ukwenzele okuhle.


Ngidukile njengemvu elahlekile; funa inceku yakho; ngoba kangiyikhohlwa imithetho yakho.


Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; Ungiholela emanzini okuthula.


Wena uyisiphephelo sami; Uzangivikela ekuhluphekeni; Uzongihaqa ngezihlabelelo zensindiso. Sela.


Umkhuleko kaMose, umuntu kaNkulunkulu. Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Ohlala endaweni yokucasha yoPhezukonke uyakuhlala emthunzini kaSomandla.


Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, ithi: Ngokubuya nokuphumula niyakusindiswa; ekuthuleni nasekuthembeni kuyakuba amandla enu, kepha anivumanga.


Umuntu uyakuba njengendawo yokukhosela emoyeni nesivikelo esivunguvungwini; njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.


Sonke sidukile njengezimvu; sajika yilowo nalowo indlela yakhe; uJehova wehlisela phezu kwakhe ububi bethu sonke.


Ngokuba abelusi baba yiziwula, abamfunanga uJehova; ngalokho abayikuphumelela, nezimvu zabo zonke ziyakuhlakazwa.


Mnikeni inkazimulo uJehova uNkulunkulu wenu, ngaphambi kokuba enze ubumnyama, futhi ngaphambi kokuba izinyawo zenu zikhubeke ezintabeni zobumnyama, futhi lapho nifuna ukukhanya, yena akuphendule ithunzi lokufa akwenze kube mnyama.


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo, nomakoti ingubo yakhe, na? Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.


Maye kubelusi abachitha futhi bahlakaze izimvu zedlelo lami! kusho uJehova.


Ngempela, insindiso ithenjwa ize evela emagqumeni nasebuningini bezintaba; ngempela, ikuJehova uNkulunkulu wethu ukusindiswa kuka-Israyeli.


INkosi yasisithi kimi emihleni yenkosi uJosiya: Ubonile yini akwenzileyo umchasi uIsrayeli? wakhwela phezu kwazo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kule ndawo eyincithakalo, ingenamuntu, ingenazilwane, nakuyo yonke imizi yayo, kuyakuba khona indawo yokuhlala yabelusi ababuthisa umhlambi wabo.


U-Israyeli uyimvu ehlakazekile; amabhubesi amxosha; kuqala inkosi yase-Asiriya yamdla; ekugcineni uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, waphula amathambo akhe.


Ngiyakumbuyisela u-Israyeli endaweni yakhe yokuhlala, adle eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe usuthe entabeni yakwa-Efrayimi naseGileyadi.


Ngoba, ngisho nangenxa yokuthi badukise abantu bami ngokuthi: Ukuthula! kwakungekho ukuthula; omunye wakha ugange, bheka, abanye balunameka ngodaka olungenalukhuni.


Ngiyakuzalusela edlelweni elihle, nasezintabeni eziphakeme zakwa-Israyeli ayakuba yizibaya; ziyakulala khona edlelweni elihle, ziklabe edlelweni elivundile ezintabeni zakwa-Israyeli.


Mina ngiyakwelusa izimvu zami, ngizenze zibuthise, isho iNkosi uJehova.


Ngiyofuna elahlekile, futhi exoshiwe, ngizoyibuyisa, futhi ephukile, ngizoyibopha futhi egulayo ngizoyiqinisa; kepha okunonileyo nokunamandla ngiyakuchitha; ngizazondla ngokwahlulela.


Kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.


Kodwa waphendula wathi: Kangithunywanga kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu kaIsrayeli.


Kodwa ebona izixuku waba lesihelo ngazo, ngoba zazidiniwe, zihlakazekile njengezimvu ezingelamalusi.


Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ