Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 50:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuhambela inkosi yaseBabele nezwe layo, njengalokho ngahambela inkosi yase-Asiriya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo, njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ngalokho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakuyijezisa inkosi yaseBhabhele nezwe layo, njengalokhu ngayijezisa inkosi yase-Asiriya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 50:18
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kuyakuthi lapho uJehova esewenzile wonke umsebenzi wakhe entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ngihambele isithelo senhliziyo enamandla yenkosi yase-Asiriya nodumo lokuphakama kwayo.


Zonke izizwe ziyomkhonza yena, nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, khona-ke izizwe eziningi namakhosi amakhulu ziyokhonza ngaye.


Ngokuba lolu lusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lwempindiselo, ukuze iziphindiselele kwabamelene nayo; inkemba iyodla futhi iyosutha futhi iphuze igazi labo; ube nomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.


Abelusi bakho bayozela, nkosi yase-Asiriya; izikhulu zakho ziyakuhlala othulini; abantu bakho bahlakazekile ezintabeni, akakho obabuthayo.


Futhi kuyokwenzeka ukuthi bonke abakubonayo bayokubalekela futhi bathi: INineve libhuqiwe; ngubani ozomkhalela? ngiyakubabhekaphi abaduduzi bakho na?


Ngenxa yokuthi uye waxhaphaza izizwe eziningi, yonke insali yezizwe iyokuphanga; ngenxa yegazi labantu, nangenxa yobudlova bezwe, nomuzi, nabo bonke abahlala kuwo.


Lapho ngilola inkemba yami ebenyezelayo, nesandla sami sibambe ukwahlulela; ngiyakuziphindiselela ezitheni zami, ngiphindisele kwabangizondayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ